Amakholwa acela osopolitiki bangabuyiseli iKZN odlameni luka-1994

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Amakholwa amabandla ehlukene asexwayise osopolitiki ukuba bangalokothi babuyisele izwe ezikhathini zodlame lwango-1994 njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelonke lwangomhlaka 29 kuNhlaba.

Lokhu amakholwa akusho ngesikhathi kunenkonzo ebihlelwe iMakhasa Council of Churches eHluhluwe ngoLwesine esigodini sakwaMduku.

UBishop Samuel Gumbi uthe lolu khetho lubalulekile kakhulu kodwa bayacela ukuba lungaphendulwa inkundla yokuchitheka kwegazi.

“Asifisi ukubuyela ku-1994 ngakho sicela osopolitiki bethu baqinisekise ukuthi lokhu esikukhulekelayo nabo bayakwenza ngoba sithandazela ukuthula nokubumbano,” kusho uGumbi.

Lolu khetho lubhekwe ngabomvu njengoba uKhongolose ubhekene nezimbangi ezintsha uMkhonto weSizwe oholwa owayenguMengameli wabo uMnuz Jacob Zuma.

Kule nkonzo kubuye kwakhulekelwa iNdlunkulu KaZulu ukuba ibenokuthula nokubuyisana.

UNdlunkulu uKathrine maButhelezi Gumede nowake waba iMeya kamasipala waseBig Five False Bay osekuyiBig Five Hlabisa, uthe sekuyisikhathi sokuba uNkulunkulu angenelele ebukhosini bukaZulu ngoba yiwona muzi nekhaya likaZulu wonkana.

“Nathi kwaGumede sabhekana nalesi simo kodwa ngoNkulunkulu sadlula. Futhi siyaphila nje sibumbene kumnandi emndenini weNkosi. Ngakho siyakhuleka ukuthi oMdala wezinsuku angenelele eNdlunkulu aphinde azinonakalise.

“Siyazi ukuthi uSathane uyathanda ukuxova enze izinto ezingalungile kodwa siyakhuleka mihla yonke ukuthi uNkulunkulu angenelele, avikele ubukhosi obakhiwa nguye emhlabeni. Ngakho- ke siyakholwa ukuthi uMdali uzongenelela ngoba siyazi ukuthi obekiwe ubekwe uNkulunkulu, hhayi abantu basemhlabeni,” kusho uNdlunkulu.

Izihloko zakamuva