“Amakhehla” eSwallows awazibekile phansi

Ngesikhathi uBrandon Truter eqoqa “amakhehla” mbumbulu ewafaka eqenjini leSwallows FC ngesikhathi kusamiswe ukudlalwa kwebhola, wathola imibono engemihle kubantu abaningi.

Kodwa ngesipiliyoni sikaVuyo Mere, uWandisile Letlabika, unozinti uVirgil Vries noThabo Matlaba emuva, beholwa elinye “ikhehla” elingukaputeni, uLebohang Mokoena, Izinyoni ziyaqhubeka nokukhuphuka kwi-DStv Premiership. Baholwa elinye “ikhehla” elingumakadebona kulomkhankaso uLebohang Mokoena njengokaputeni weqembu.

Ekubuyeni kwabo ebholeni elihamba phambili ngemuva kweminyaka emihlanu sebevele bashaye izimbangi zabo zase-Soweto iKaizer Chiefs ukukhombisa ukuthi bazimisile. Ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa yeligi iSwallows isinqobe emine yadlala ngokulingana kwemithathu, futhi ingelinye lamaqembu amane angahlulwa kuze kube manje.

Bangenelwe amagoli amabili kuphela, okwenza babe yiqembu eliphambili lokuvikela.

“Sesikhulume isikhathi eside nabafana futhi siqinile ngokomqondo,” kusho umqeqeshi uTruter.

“Ngifuna ukuqhubeka nokuwina eminye imidlalofuthi ngibe ngumqeqeshi onzima ukushaya,” kusho uTruter, umqeqeshi wenyanga kaMfumfu / noNcwaba.

NgoLwesibili ebusuku Izinyoni ziqhubeke nokudlala kwazo okuhle ngesikhathi zibhekene nabasezansi kwi-log iMaritzburg United ngomdlali wasesiswini ohlaselayo uRuzaigh Gamildien oshaye amagoli amabili okuqinisa indawo yesibili yeSwallows.

UTruter uthe, uyajabula ngomoya wokulwa wabadlali bakhe.

“Bekufanele sidlale ngokucophelela kodwa-ke siyitholile imiphumela ebesiyifuna.”

Ukunqoba kushiye iSwallows isele namaphuzu amabili kubaholi be-log iMamelodi Sundowns. Bazodlala neBlack Leopards ngeSonto e-Thohoyandou Stadium, e-Limpopo ngo-3.30 ntambama emdlalweni wokugcina womabili amaqembu.

Izihloko zakamuva