Amakhaza aseBeijing acishe athena induku yomsubathi

Dylan Bettencourt

Njengoba amazinga okubanda ekhuphuka kakhulu e-Beijing, umdlali wama-Skiet uzwe ukubanda okudlulele ngesikhathi efika entanjeni yasekugcineni – wezwa nenduku yakhe ibanda qa. 

URemi Lindhold wase-Finland ubezokujabulela kakhulu ukufinyezwa kwalo mdlalo usuke ku-50km uye ku-30km, kodwa lokho akuzange kuvimbe umsubathi ukuthi adinge i-heat pack endaweni ebucayi kakhulu ngemuva kokufika ekugcineni.

ULindholm uchithe isikhathi esingaphezudlwana kwehora emjahweni ngaphansi kwezimo ezibandayo ngaphambi kokuthi aqede. 

“Ungaqagela ukuthi isiphi isitho somzimba esingenwe amakhaza kakhulu, kodwa ke eqinisweni lo bekuwumqhudelwano onzima engake ngaba kuwo. Bekumele ngibekezele ukuze ngifike ekugcineni,” etshela abezindaba base-Finland.

Samsung Galaxy 14G

Izimo zokubanda ezifike ku-16C zenze umjaho wabambezeleka ngehora kanjalo wafinyezwa ngo-20km.

Umsubathi wase-Finland uchaze ukuthi ubuhlungu obukhulu obuzwe  ngesikhathi efaka i-heater pack endaweni yakhe yangasese ekupheleni komjaho.

“Ngenkathi izingxenye zomzimba ziqala ukufudumala ngemuva kokuqeda, ubuhlungu ubengakwazi ukububekezelela,” kusho uLindholm.

Zamphazamisa kakhulu izitho zakhe  zangasese ezazingenwe amakhaza zamphazamisa kakhulu emathubeni akhe okuwina futhi waqeda umjaho ekwinombolo-28 – umvuzo omncane kakhulu ngobuhlungu obedlulele abuzwile kulandela umjaho.

Ngokumangalisayo, lesi akusona isikhathi sokuqala isitho sangasese salo msubathi singenwa amakhaza. Wabhekana nesimo esifanayo ngesikhathi somjaho owawuse-Finland ngonyaka odlule.

Umthombo wesithombe: @People.com

Scrolla World Cup Quiz