Amakhasimende e-FoneYam akhokha imali cishe ephindwe kabili komakhalekhukhwini

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Isevisi yokuqasha omakhalekhukhwini yakwa-Pepkor i-FoneYam ikhule isuka ezigidini ezingu-1.2 yaya kubasebenzisi abayizigidi ezingu-2.3 ngomhlaka-31 kuZibandlela ka-2025, ikhuphuke ngo-92%.

I-Slant Research ithole ukuthi umakhalekhukhwini ka-R3,000 ubiza ngaphezu kuka-R5,500 nge-FoneYam, cishe ngo-85% ngaphezu kwenani lemali.

Isevisi yokuqasha izingcingo yakwa-Pepkor i-FoneYam ikhule ngokushesha kodwa ibiza amakhasimende ngaphezu kokuthenga umakhalekhukhwini ngaleso sikhathi.

Abadayisi bathe i-FoneYam ibe namakhasimende ayizigidi ezingu-2.3 ngomhlaka-31 ngoZibandlela ka-2025. Lokhu kukhuphuke kusuka kubantu abayizigidi ezingu-1.2 ngonyaka odlule.

Amakhasimende amaningi aqasha omakhalekhukhwini besibili ngemva kokuqeda inkontileka yokuqala. UPepkor uthe lokhu kunyuse ukuthi amakhasimende ahlala isikhathi esingakanani nalolu hlelo cishe ngezinyanga ezingu-18.

I-FoneYam yethulwa ngo-2024. Iqondiswe kumakhasimende afuna ama-smartphones angcono kodwa angakwazi ukuboleka imali noma izinkontileka zomakhalekhukhwini

I-FoneYam iyingxenye yophiko lwe-Pepkor’s Fintech. Imali engenayo kulesi sigaba ikhule ngo-25.4% yafinyelela ku-R4.8 billion.

I-Pepkor ithengisa inqwaba yomakhalekhukhwini akhokhelwa ngaphambili. Ngonyaka wezimali ka-2025, izitolo zakwaPep zithengise ama-handsets angu-9.2 million. U-Ackermans noDunns badayise amanye angu-3.4 million.

UPepkor uthe lokhu kuthengiswa kusho ukuthi leli qembu lidayisa amafoni ayisishiyagalombili kwangu-10 akhokhelwa ngaphambili eNingizimu Afrika.

Nokho, abahlaziyi be-Slant Research bazwakalise ukukhathazeka ngezindleko ze-FoneYam.

Bathole ukuthi amakhasimende agcina ekhokha kakhulu l.

Isibonelo, umakhalekhukhwini obiza u-R3,000 ungabiza ngaphezu kuka-R5,500. Lokho kucishe kube u-85% ngaphezu kokuthenga ifoni ngokuqondile.

Ngokuqhathanisa, imali ebolekiwe enenani lenzalo eliphezulu ingabiza cishe ngo-60% ngaphezu kwenani lemali. Ikhasimende lizoba ngumnikazi kamakhalekhukhwini ekugcineni.

Nge-FoneYam ifoni kufanele ibuyiswe ngemva kwesikhathi esiqashiwe.

I-Slant Research ithe nakuba i-FoneYam isiza abantu abaningi,kodwa akulula uma ungeke ukwazi ukuyikhokhela.

Isevisi ihlanganisa imigomo eqinile. Iyavaleka ifoni uma ungakhokhanga.

NgoMandulo ka-2025, inani eliphelele lamakhasimende e-FoneYam lafinyelela kwizigidi ezingu-R984. Lokhu kuphindwe kathathu kunonyaka owandulele unyaka odlule.

Esithombeni esingenhla: Isitolo somakhalekhukhwini sakwaPep.

Umthombo wesithombe: Pepkor

Izihloko zakamuva