Amakhansela oweTheku asebenzela ezimotweni

Celani Sikhakhane

Amanye amakhansela kaMasipala weTheku asebenzela ezimotweni zawo njengoba elinde ukunikezwa amahhovisi selokhu akhethwa ngoLwezi.

Amakhansela aphoqeleke ukuthi akhiphe amafomu obufakazi bamakheli nokwenza eminye imisebenzi esebenzisa  ezimoto zawo.

IKhansela uThabani Mthethwa, onguSotswebhu we-DA, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lesi simo asigcini nje ngokuphazamisa, kodwa sibeka izimpilo zabantu engcupheni njengoba amakhansela aseThekwini aziwa ngokubulawa ngenxa yezepolitiki.

Okukhathaza amakhansela kakhulu wukuthi izigebengu ezifuna ukubulala amakhansela zizobathola kalula.

UMthethwa uthe usebhalele uSomlomo woMkhandlu uMnu Thabani Nyawose nebamba loMphathi kaMasipala uMnu Musa Mbhele ukuthi balusukumele ngokushesha lolu daba.

“Lena akuyona nje inkinga kodwa ibeka izimpilo zamakhansela engcupheni enkulu, kanti ngenxa yalokhu amalungu omphakathi ahlukumezeka kakhulu ngoba awatholi izinsiza eziwafanele ngenxa yokwehluleka kukamasipala ukuletha amahhovisi adingwa kakhulu umphakathi,” kusho uMthethwa.

USotswebhu we-IFP, uNkk Ntombifuthi Gumede, uthe sekunesikhathi eside le nkinga iqhubeka, wathi amakhansela awanawo amahhovisi uma ezama ukuthola izindawo eziqashisayo atshelwa ukuthi umasipala awukwazi ukukhokha.

I-Scrolla.Africa sizamile ukuthola ukuphawula kukamasipala weTheku kodwa okhulumela lo mkhandlu  uMnu Msawakhe Mayisela usithumele kuSomlomo uMnu Thabani Nyawose 

“Ukhansela uNyawose nguyena ofanele ukuphendula futhi uyatholakala, ungamshayela ucingo ngalolu daba,” kusho uMayisela. UNyawose akatholakalanga ukuba aphawule.

Izihloko zakamuva