Dalphine Tagwireyi
Ngemuva konyaka kuboshwe uKhanyi Segone ngamacala ahlukene, leli khansela ligcine likhishiwe esikhundleni salo njengoSomlomo kaMasipala waseVictor Khanye (i-VKLM).
Ukususwa kukaSegone kuza ngemuva konyaka i-EFF kwi-VKLM ifake ivoti lokungamethembi uSomlomo, nokuyinto ebizitshwa yi-ANC.
NgoLwesine, uSomlomo uvotelwe ngazwi linye ngamakhansela emkhakheni wezepolitiki yi-ANC, i-Economic Freedom Fighters (i-EFF) ne-Democratic Alliance (i-DA).
USegone ubhekene namacala angama-20 okudala udlame emphakathini, ukukhipha isibhamu ngaphakathi esakhiweni sikamasipala, ukusabisa kanye nokushaya.
Uqale wanqaba ukwehla esikhundleni sakhe, njengoba ecelwe yi-ANC National Executive Council (i-NEC) yangowezi-2017.
USomlomo kuthiwa usabise amakhansela ngokuthi angafaki ivoti lokungamethembi, ewatshela ukuthi “kubonakala sengathi nikhohliwe ukuthi ngingubani”.
Kodwa-ke okhulumela i-ANC eNkangala uSello Matshoga uthe le nhlangano ishiywe ingenayo enye indlela ngaphandle kokuyalela ikhokhasi yomkhandlu ukuthi isebenzise ivoti lokungamethembi uSomlomo.
“Lesi siphakamiso sisekwe ngamakhansela wonke, njengoba uSegone enqabe ukulandela umyalelo wokuthi ehle esikhundleni futhi njenge-ANC eNkangala, siyalamukela ivoti lokungamethembi uSegone,” esho.
Ikhansela le-DA elingathandanga ukudalulwa lithe lokhu kube yintuthuko eyamukelekile, njengoba uSegone “eyisiqhwaga” esaziwayo othumela abantu bakhe ukuthi basabise abanye.
“Komunye wemihlangano, ube nesibindi sokusabisa amakhansela ayekhona ukuthi kubonakala sengathi akhohliwe ukuthi yini akwazi ukukwenza futhi abonile ukuthi uhlasele iphoyisa, njengoba ecabanga ukuthi ungaphezu komthetho,” esho.
USegone, indoda eyisiqhwaqa yase-Delmas, waboshwa ngoMfumfu ngonyaka odlule kwathi ngokuhamba kwesikhathi wanikezwa ibheyili yemali eyizi-R50,000. Ngokushesha ngemuva kwalokho, wasolwa ngokusabisa abammangali ngokuthi bahoxise icala elimayelana naye.
UTebogo Malomane uqokwe njengoSomlomo wesikhashana we-VKLM.