Amakhansela aseZDM asola umkhandlu wawo ngokuwambela igodi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Amakhansela omkhandlu wesiFunda iZululand asola umasipala ngokubeka impilo yawo engcupheni ngemuva kokuthi amanye ephucwe abaqaphi.

Izinkabi zicekele phansi omasipala KwaZulu-Natal njengoba kubulawe amakhansela angu-17 ezinyangeni eziyishumi ezedlule.

Umufi wakamuva ikhansela le-IFP uMnuz Innocent “Killer” Mkhwanazi wakuMasipala wesiFunda uMkhanyakude ungcwatshwe ngempelasonto.

Amakhansela e-ANC uMnuz Mxolisi Zulu noKhaya Khumalo, noSwelakhe Shelembe we-DA noMnuz Sphamandla Ntombela we-NFP bazwakalise ukukhathazeka ngokuphepha kwabo.

Bathi sebesaba ngisho ukwenza umsebenzi wabo emphakathini njengoba besaba ukubulawa. 

UNtombela uthe sekuphele izinyanga elinde ukuthi kugunyazwe isicelo sakhe sokuhlinzekwa ngabaqaphi.

“Ngebhadi kuze kube namuhla angizange ngiphumelele, amakhansela alapha e-Zululand asengozini ukwedlula wonke umuntu,” kusho uNtombela.

“Sifuna iziphathimandla ze-SAPS nezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu zilubhekisise lolu daba ngoba sibulawa emini kabha kodwa kumele silinde izinyanga singenabo onogada.”

IMeya yase-Zululand uMfundisi Thulasizwe Buthelezi izichithile izinsolo zokuthi babeka amakhansela abo engozini ngamabomu.

“Abaphucwa onogada kwahlolwa kwatholaka ukuthi abasekho engozini kanti nomasipala awukwazi ukubagunyazela ezokuphepha,” usho kanje.

Iningi lomasipala eKZN lichitha izigidi zamarandi zabakhokhi bentela livikela amakhansela koshayasibhamu.

NgoNhlaba kulo nyaka kubikwe ukuthi omasipala baseKZN bakhiphe u-R84 million esikhathini esiyizinyanga eziyisithupha ukuvikela amakhansela.

Ngo-2018 iKhomishini kaMoerane eyasungulwa ngowayenguNdunankulu waseKZN, uMnuz Willies Mchunu mayelana nokubulawa kosopolitiki esifundazweni nosihlalo wayo u-Advocate Moerane Morumo, yaveza ukuthi ukuba ikhansela kulesi sifundazwe sekuyingozi kakhulu ukwedlula ukuba sembonini yamatekisi.

Ikhomishana ithole ukuthi ingozi ibangelwe ukungaboni ngaso linye kwalabo abasuke bengenele ukhetho ababebona isikhundla sobukhansela njengendlela elula yokuthola izinsiza zikahulumeni namathenda.

Esithombeni esingenhla: Amakhansela e-ANC, NFP kanye ne-DA ekhuluma nabezindaba mayelana nokudinwa kwawo 

ngokuba sengozini

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva