Celani Sikhakhane
Esontweni eledlule amakhansela e-ANC ayingxenye ye-RET avakashele lowo owayengumengameli wezwe uMnu Jacob Zuma, ezomupha inkomo njengesipho sikaKhisimusi.
Kodwa isimo salowo owayenguMengameli wezwe sesishintshe kakhulu kusukela ngalesi sikhathi kwafika amakhansela, kanti angahle azithole esebuyela ejele ngemuva kokuthi iNkantolo ePhakeme yaseGoli ePitoli ithole ukuthi ukukhululwa kwakhe ngoshwele wezempilo bekungekho emthethweni.
Amalungu e-RET afunge ukuthi azowudla noZuma uKhisimusi, kungakhathalekile ukuthi uzobe ekuphi ngalolu suku.
“Sidumele kodwa yilokhu esizonitshela khona, uKhisimusi sizowuchitha noZuma. Asinandaba ukuthi kuphi, kodwa okusalayo ukuthi sizobe sinaye,” kusho iKhansela laseThekwini uSfiso Hlanyo Mngadi etshela i-Scrolla.Africa.
UMngadi uthe bakholelwa ekutheni isinqumo senkantolo siyindlela “yokubulala” uZuma.
“Namanje sisakholelwa ekutheni lokhu kuyingxenye yamaqhinga okubulala uZuma ngoba nguyena yedwa umholi omele abantu abamnyama ku-ANC.
I-Jacob Zuma Foundation kanye noMnyango wezokuHlunyeleliswa kweZimilo bamemezele ukuthi bayasiphikisa isinqumo esikhishwe ngoLwesithathu.
“Ithimba labammeli bakaMhlonishwa uZuma selisifakile isicelo sakhe sokuvuma ukuthi kudluliswe isinqumo,” kufundeka isitatimende seNhlangano.
Bakholelwa ekutheni isinqumo besingalungile futhi enye inkantolo izothola isiphetho esihlukile.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweZimilo, uMnu Singabakho Nxumalo, uthe bakholelwa ekutheni isenzo sabo sikashwele wezempilo sahunyushwa kabi ngesikhathi uphiko lwenkantolo enkulu ePitoli luthi ukukhululwa kukaZuma akukho emthethweni.