Amakhansela amathathu aseTshwane ashone ngenxa ye-Covid

Tebogo Moobi

Kuqala ukwethusa eMkhandlwini wase-Tshwane ngemuva kokuthi umkhandlu ulahlekelwe ngamakhansela amathathu ashone ngenxa yezinkinga ezihlobene ne-coronavirus emasontweni ambalwa edlule.

Amakhansela, uJabulani Rammushi unqotshwe yigciwane ngoMgqibelo ebusuku, uDaniel Mojela ushone ngoSuku Lonyaka Omusha kwathi uMalebo Rasegoete wadlula emhlabeni ngesikhathi samaholide.

UJabulani Rammushi wase-Ga-Rankuwa, e-Tshwane, ushone ngemuva kokungeniswa esibhedlela i-Netcare Akasia ngoLwesithathu olwedlule ngenxa yezinkinga zokuphefumula.

URammushi, ongusomabhizinisi, ubesebenza njengekhansela lesigceme  sama-30 futhi waba neqhaza elikhulu kwezentuthuko endaweni yakhe nasesigcemeni sama-31.

Ngemuva kokusebenza amahlandla amabili esikhundleni sakhe ubungoti bakhe bebuvame ukubizwa ngamanye amakhansela.

Ukudlula kwakhe emhlabeni kulandela okweKhansela uDaniel Mojela, wesigceme se-13, owalahlekelwa yimpilo yakhe ngosuku lukaNcibijane ngemuva kokuphuthunyiswa esibhedlela sendawo ngemuva kokubhekana nezinkinga ze-Covid-19.

Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba umkhandlu ushaywe yizindaba zikaKhansela Malebo Rasegoete owashona ngesikhathi samaholide, nangenxa yezinkinga ezihlobene ne-Covid-19.

UNobhala we-ANC endaweni, uMnuz Bonzo Modise, uthe iqembu liphatheke kabi ngokulahleka kwala makhansela amathathu.

“Bekungamaqabane azinikele asebenze ngokungakhathali ukuhlangabezana nezidingo zemiphakathi ayisebenzelayo,” uyasho.

Unxuse imiphakathi ukuthi ilithathele phezulu leli gciwane futhi ithathe izinyathelo ezifanele ukugwema ukutheleleka.

Uthe kumjabulisile ukuthi ikhansela lesigceme sama-32, uFloyd Thema, walulama ngokuphelele ngemuva kokuchitha izinsuku eziyishumi esibhedlela i-Die Wilgers, e-Tshwane, lapho eyelashelwa khona i-Covid-19.

Izihloko zakamuva