Amakhansela amaningi amnyama ashiye i-DA

Lungani Zungu

I-DA iphinde yathola esinye isigameko ngemuva kokuthi amakhansela amabili eMkhandlwini waseTshwane elahle iqembu, ngenxa yokucwaswa. Lokhu kuza ngemuva kokuthi i-DA ilahlekelwe izigceme ezine okhethweni lokuchibiyela lwangenyanga edlule.

UMike Mkhari, owayeyi-MMC ye-Agriculture Management noRose Maake, ikhansela le-PR e-Soshanguve, bashiye phansi izintambo ngoLwesibili.

Esitatimendeni sabo, uMkhari noMaake bathe i-DA beyiqembu elinobandlululo, kanti abanye babaholi bayo bebeyiziqhwaga, bengahloniphi, bebukelana phansi futhi bethanda ukubangamakhosi.

“Ngibekezelele le mikhuba isikhathi eside. Angibange ngisakwazi ukuyibekezelela, yingakho nginqume ukushiya iqembu,” kusho uMkhari etshela i-Scrolla.Africa.

Uthe i-DA ihlukene phakathi kusukela kusongo lwayo oluphezulu kuze kufike kubaholi bamagatsha.

“Uma uphakamisa izingqinamba kubaholi, kuya ngokuthi ukuluphi uhlangothi nokuthi uyingxenye yaliphi i-cabal,” esho.

Uthe ukhonjwe ngamanye amakhansela e-DA ngisho nasekhokhasini yedolobha likamasipala oholwa yi-DA.

Ukuphuma kwabo kulandele owayeyilungu lePhalamende le-DA uPhumzile van Damme, osanda kusula ePhalamende muva nje.

UMpho Mehlape-Zimu, umholi we-DA esifundeni sase-Tshwane, usole la makhansela amabili ngokungabinanhlonipho ngokuthi i-DA iyiqembu elinobandlululo.

“Bobabili babengabaholi enhlanganweni kodwa abakaze bathathe sinyathelo,” esho.

Ephikisana nezinsolo zokucwasa ngokwebala, uMehlape-Zimu uthe bahambe ngemuva kokuqondiswa kwezigwegwe kwamakhansela angasebenzi.

“Kuyadabukisa ukuthi la makhansela esulile esikhundleni sokwenza imizamo yokuthuthukisa ukusebenza kwawo nokuqhubeka nokusebenzela izakhamizi zase-Tshwane,” esho.

Uhlu olude losopolitiki abasezingeni eliphezulu abashiye i-DA kubalwa nowayengumholi wayo uMmusi Maimane, owayeyiMeya yaseGoli uHerman Mashaba, nowayeyiMeya yaseKapa, uPatricia De Lille.

Njengoba kungakapheli nezinyanga ezinhlanu ngaphambi kokhetho lomasipala lwangomhla zingama-27 kuMfumfu, ukuqhubeka kokushiya phansi kwabaholi abamnyama akubonakali kuzoyisebenzela i-DA.

Izihloko zakamuva