Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Ibamba lomqondisi omkhulu wemigwaqo nezokuthutha kumasipala waseNelson Mandela Bay uGivon van Eyck uthole lo msebenzi ngemuva kwezinsuku ezine ebuyile njengoba kade emiswe iminyaka emibili ngezinsolo zokungaziphathi kahle izimali.
Aphatheke kabi amakhansela ngoba uVan Eyck naye uqokwe ekomidini elilawula amathenda elaziwa ngele supply chain, phezu kophenyo oluqhubekayo mayelana nokuziphatha kwakhe esikhathini esedlule kumasipala.
Amalungu ekomidi emigwaqo nezokuThutha eNMBM acele ukuthi kube nophenyo olugcwele mayelana nokuthi uVan Eyck uvunyelwe kanjani ukuthi abuyele emsebenzini.
URano Kayser weDA oyilungu lekomidi elibambile, uthe ukubuya kukaVan Eyck kubeke engcupheni uphenyo lwakhe ngoba bona kanye abantu okumele bafakaze ngaye manje sekumele babike kuye.”
UVan Eyck uxoshwe emhlanganweni wekomidi lemigwaqo nezokuthutha emasontweni amabili edlule ngemuva kokuthi amakhansela ethe ukuqokwa kwakhe kwesokuba ngumqondisi omkhulu kwakungalandelwanga umthetho.
UBongani Mani we-ANC naye kwamxaka ukuqokwa kukaVan Eyck njengoba kuqhubeka uhlelo oluholele ekutheni amiswe.
“Kuyadabukisa ukuthi umuntu omisiwe aphinde aqokwe aphinde abekwe ukuthi aphathe umnyango wonke futhi ngemva kwezinsuku ezimbalwa aqokelwe ekomidini lokwahlulela ama-bid,” kusho uMani.
UVan Eyck kuthiwa ubuyele emsebenzini kulandela izincomo zohlelo lokubuyekezwa olwenziwa yilowo owayeyimenenja yedolobha ngaleso sikhathi uLuvuyo Magalela.
Isithombe esingenhla: I-NMBM Roads and Transport MMC Bradley Murray.