Amajimbos athweswe isicoco sika-U-17 Champions

Iqembu laseNingizimu Afrika labaneminyaka engaphansi kweyi-17 linqobe i-Champions of Cosafa Cup 2020 ngokushaya iZambia ngo 4-2 emaphenalthini kulandela ukubambana ngo 1-1 ngesikhathi ebesibekiwe ngeSonto ntambama e-Gelvandale, eNelson Mandela Bay.

Lo mdlali owawina indondo ye-Golden boot uJoseph Banda uguqule igoli lokuqala lokuvulela iZambia iphenalthi ngemuva kokuthi uDopholo ephathe ibhola ebhokisini kungakapheli nemizuzu emibili umdlalo uqalile.

Amajimbos adlale kanconywana futhi anikezwe ipenalthi ngomzuzu we-15. UThabang Mahlangu udlale kahle kakhulu naye ngemuva kwephenalthi etholwe yiqembu.

La maqembu womabili awakwazanga ukuhlukaniswa nesikhathi futhi ukuthi ubani ozonqoba, bekufanele kunqunywe ngokukhahlelwa kwamaphenalthi.

Kube ukuziphindiselela okumnandi kumaMajimbos, njengoba iqembu laziwa kakhulu, kulandela ukuhlulwa yiZambia kumdlalo wezigaba zamaqembu.

Endleleni ebheke kowamanqamu iNingizimu Afrika iqale lo mkhankaso ngamagoli alinganayo neMalawi. Emdlalweni wesibili Amajimbos akhiphe i-Angola. Iqembu lomqeqeshi uVela Khumalo lithwale ukuhlulwa kwalo kuphela kulo mqhudelwano neZambia futhi laqeda endaweni yesibili ku-log.

AmaMajimbos neZambia womabili la maqembu angenile kumqhudelwano we-Total U-17 African Cup Of Nations ozohlelwa e-Morocco. Abazonqoba, abazoba abesibili, abazoba abesithathu kanye nabazoba abesine kuma-playoffs ku-AFCON bazokwazi ukuthola iNdebe Yomhlaba ye-FIFA ezodlalelwa e-Peru.

Umqeqeshi waMajimbos uKhumalo utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi, kuyimpumelelo enkulu ukunqoba indebe ye-Cosafa futhi “inhloso enkulu ukubona laba bafana bedlala eNdebeni yoMhlaba.

“Kungumuzwa omuhle ngaphansi kwalezi zimo. Khumbula ukuthi ibhola labasafufusa lisanda kuvulwa muva nje, abafana benze konke okusemandleni abo.

UMduduzi Shabalala uqede njengomdlali we-Cosafa kulo mqhudelwano. Bobabili uMduduzi Shabalala noJoseph Banda baqokwe njengabadlali be-Liga kanti bazoya e-Spain ngonyaka ozayo izinyanga eziyisithupha.

Isithombe: Ikhasi le-twitter le-Safa.net.

Izihloko zakamuva