Amajaji achema nabasubathi base-China kuma-olympics asebusika

Dylan Bettencourt

Abasubathi abaningi basole amajaji akuma-olympics asebusika e-Beijing ngokuchema nabasubathi base-China.

Kuthiwa amajaji akhipha izinhlawulo ezihlomulisa abasubathi abangosokhaya.

Izijeziso ezingabazekayo kuyo yonke imiqhudelwano ehlukene zenze ukuthi abasubathi base-China bathuthuke noma bawine izindondo. Imibiko iphakamisa ukuthi abasubathi bakwamanye amazwe sebecabanga ukuthi kunokuchema nabasubathi base-China.

Iqembu elixubile le-relay ne-short-track skating libe ngelokuqala ukuveza le nkinga ngesikhathi iKomidi lama-Olimpiki lase-Russia kanye neMelika bekhishwa ngenxa “yokuvinjelwa”, okunikeze i-China indondo yegolide.

Umshwibi we-short-track wase-North Korea uKwak Yoon-gy uthe indlela i-China ewine ngayo indondo yegolide imcasule kakhulu njengoba ingenzeka kunoma ngubani kule midlalo.

“Uma ngibheka indlela i-China ewine ngayo indondo yegolide, ngiphatheka kabi ukuthi ozakwethu abancane bekumele babukele into efana naleyo,” kusho uKwak etshela i-Yonhap News Agency.

“Ngiye ngacabanga ukuthi, ‘Ingabe lokhu kumayelana nokuwina indondo yegolide yini?’ Izinto bezibukeka zingezinhle nhlobo”.

Amajaji aphinde azidonsela ukunakwa okungafuneki ngesikhathi kuphenywa owine kowamanqamu we-short-track skating 100m njengoba kubukeka sengathi umsubathi wase-Hungary weqe umugqa ngaphambi komsubathi wase-China.

Kodwa-ke, ngemuva kokubuyekezwa okuningana kanye nophenyo olude, umsubathi wase-Hungary unikezwe izinhlawulo ezimbili zokushintsha umzila okudale ukuthintana nokusebenzisa isandla sakhe sobunxele ukuvimbela umsubathi wase-China ngesikhathi ejika okokugcina.

Ngaphambi kokubuyekezwa, umsubathi wase-China oqede isibili ubonakale esebenzisa izandla zakhe zombili ukuvimbela umsubathi wase-Hungary kodwa akazange ajeziswe ngokwephula umthetho.

Ngemuva kokubuyekezwa kanye nezijeziso, umsubathi wase-China uthathwe njengowinile futhi uye waklonyeliswa ngendondo yegolide.

Njengamanje i-China ihola phambili ngezindondo zegolide ezintathu, i-Sweden esendaweni yesibili inesibalo esifanayo sezindondo zegolide kodwa zimbalwa ezesiliva nezethusi.

Umthombo wesithombe: @BusinessInsider

Izihloko zakamuva