Linda Ximba
Bathwele kanzima abalandeli bomdlalo owuchungechunge, we-Showmax i-The Wife ngemuva kokuvela kwemibiko yokuthi isihlabani somculi u-Abdul Khoza siyashiya kulo mdlalo odumile.
Abalandeli bathukile njengoba imithombo okuhlanganisa naye uKhoza ibonakala iziqinisekisile lezi zindaba kanti eminye iveze ukuthi lezi zindaba zingamanga.
Amahlebezi okuqala okuphuma kukaKhoza abonakale engamanga ngesikhathi inkampani edidiyela lolu hlelo i-Stained Glass iphika le mibiko.
“U-Abdul Khoza ubengakashintshwa ngesizini yesithathu i-The Wife. Asifuni ukwabelana nanoma iziphi izindaba ngakho-ke abalandeli kuzofanele balinde babone ukuthi kuzokwenzakalani uma i-The Wife ibuya ngoLwezi,” kufundeka isitatimende senkampani.
Kodwa-ke uKhoza uqobo odlala indawo kaNqobizitha Zulu kulolu hlelo ubonakale eqinisekisa ukushiya kwakhe ngombhalo ku-Instagram abuye wawucisha.
“Kube wuhambo oluhle kini nonke ne-#TheWifeShowmax. Ngiyabonga kubo bonke abalingisi nethimba ngokungamukela. Ngizonikhumbula nonke futhi nginifisela uhambo olukhulu.
Ningikhuthaze ngomsebenzi wami ngalo mdlalo omangalisayo, ngiyabonga imina uNqobizitha Zulu lo sengihembe. Heee heee!!’’ ememezela.
Imithombo esondelene nalo mlingisi nayo ikuqinisekisile ngokuyimfihlo kwa-Scrolla.Africa ukuthi lo mlingisi ongowokuzalwa eThekwini useyashiya.
Isizini yesithathu neyokugcina ye-The Wife yethulwa ku-Showmax ngoLwezi.