Joseph Chirume
UKembo Mohadi, oyiPhini likaMengameli wase-Zimbabwe oneminyaka engama-71, ushiye phansi isikhundla ngenxa yezinsolo zokungathembeki kwezocansi nangemuva kokubikwa kokuthi uthelele intombazane yesikole ngesifo esithathelwana ngocansi.
Uhambise incwadi yakhe yokwesula emsebenzini ngoMsombuluko kuMengameli u-Emmerson Mnangagwa, kodwa akahambi ngokuthula.
Encwadini ende ebigcwele imishwana engajwayelekile, ubhale wathi: “Ukusula kwami emsebenzini kuyadingeka futhi yisifiso sami sokufuna ukucaciseleka nobulungiswa odabeni oluzolandelelwa yiqembu lami lezomthetho futhi baqede lamahemuhemu kanye nobunhloli bamaphutha okuzuza amaphuzu ashibhile ezombusazwe.”
Ubuye wabhala futhi wathi: “Imithombo yabezindaba yedijithali, ihlohlwa yizitha zami ezifuna ukungifaka enkingeni, kepha umoya wami awusoze wadikibala.”
UMohadi usanda kuba sematheni ngemuva kwengxoxo eputshuke phakathi kwakhe nowesifazane oshadile. Ngemuva kwalokho waphinde wasolwa ngokulala nabesifazane ababili abashadile, kanye nokukhulelisa umfundi ofunda esikoleni samabanga aphezulu.
Izinkinga zikaMohadi kuthiwa zaqala ngemuva kokuthi uJacob Mpande, oyisikhulu sophiko lwezobunhloli e-Zimbabwe, i-Central Intelligence Organisation, ethukuthele wagana unwabu waqonda nqo ukuyobhekana nePhini likaMengameli emzini walo emsola ngokulala nomkakhe. Kubikwa ukuthi ubeyi-agent ye-CIO ehhovisi likaMohadi.
Imibiko ikhombisa ukuthi uMpande wabe esebhekana nePhini likaMengameli ngemuva kokuthi eqale ingxoxo lapho unkosikazi wakhe abuze khona uMohadi ukuthi, ngabe wayethathe izikhuthazi zocansi ngaphambi komhlangano wabo e-lodge yendawo.
UMohadi ubeyiPhini likaMengameli iminyaka emithathu futhi enguNgqongqoshe kuhulumeni walowo owayenguMengameli uRobert Mugabe.
Umthombo wesithombe: @AfricaFactsZone