Lubhalwe nguRorisang Modiba
Njengoba kungena ubusika, imindeni yaseNingizimu Afrika yenza izinhlelo zokuthi ifudumale. Yize uMzansi ubusajabulele ikhefu lezinsuku ezingu-14 lokungacinywa kukagesi, maningi amathuba okuthi ubuye ugqamcishi njengoba sikhula isidingo sikagesi ebusika.
Abathengi kudingeka baqhathanise izindleko nezintengo zamahitha egesi nakagesi ukuze basebenzise izindlela ezingabizi kakhulu ukufudumeza amakhaya abo.
Ihitha yegesi ibiza kangcono kunokusebenzisa ugesi ngesikhathi sikagqamcishi, kubika i-MyBroadband.
Ukuhlaziya kwabo kuqhathanise izindleko zokuthenga nokusebenzisa ihitha yegesi uma kuqhathaniswa nehitha kagesi exhunywe esiteshini samandla kagesi phakathi nokunqanyulwa kukagesi.
Kuvele ukuthi ukusebenzisa ihitha yegesi isikhathi esingamahora amabili nesigamu sokucishwa kukagesi kuzobiza abanikazi bezindlu phakathi kuka-R2,659 no-R4,999 kulezi zinyanga ezine zobusika, okuhlanganisa nezindleko zokuthenga ihitha.
Nokho, lezi zindleko zincike emkhawulweni wokusetshenziswa nasekushintsheni kwentengo yegesi.
Ngokombiko, inhlanganisela yehitha kagesi nesiteshi sikagesi ibiza kakhulu, ikakhulukazi ngenxa yezindleko eziphezulu zeziteshi zikagesi.
ENingizimu Afrika, ihitha yegesi enezinhlangothi ezintathu zokushisa ibiza phakathi kuka-R1,200 no-R3,000, kanti ikhiqizwa izinkampani ezihlukene ngamamodeli nangamanani ahlukene.
Ihitha kagesi ibiza kancane uma usayithenga, njengoba izinhlobo ezithile ezino-800W ziqala ku-R199.
Kodwa-ke, isidingo sikagesi esidingeka kwihitha eno-800W kwenza kubize kakhulu ngenxa yesiteshi sikagesi.
Kudingeka isiteshi sikagesi esino-2,000W ukuze kusetshenziswe ihitha amahora amabili nesigamu futhi siyabiza.
Abantu abazokhetha ukusebenzisa ihitha kagesi kufanele balindele ukusebenzisa imali ephakathi kuka-R18,299 no-R22,199 noma ngaphezulu ukufudumeza izindlu zabo phakathi nezinyanga ezine zobusika.
Lesi silinganiso asifaki izindleko ezihlobene nokushajwa kabusha kwesiteshi sikagesi esihlinzeka ngamandla.
Esithombeni ngenhla: Ihitha yegesi.
Umthombo wesithombe: Stock