Amahhovisi oKlebe agqekeziwe kwantshontshwa izidakamizwa ezingabiza izigidi ezi-200 zamarandi emahhovisi oKlebe

Kabelo Tlhabanelo

Ngonyaka odlule oKlebe bashaqa izidakamizwa zohlobo lwe-Cocain engabiza izigidi ezi-200 zamarandi e-South Coast Harbour eKwaZulu-Natali. 

Kodwa akekho obesaboshiwe. Ngempelasonto, ngemuva konyaka, izidakamizwa ezifanayo zebiwe emahhovisini oKlebe e-Port Shepstone.

OKlebe bathi kade besaphenya ukuthi lezi zidakamizwa abakade bezigcinile beziqhamuka kuphi.

Abazi ukuthi lezi zidakamizwa zebiwe nini.

Okhulumela umnyango wamaphoyisa uBrigadier uNomthandazo Mbambo uthe kungenzeka ukuthi i-cocaine yebiwe emahhovisi abo phakathi kwehora lesine ntambama ngoLwesihlanu, mhla zinhlanu kuLwezi noma ngehora lesikhombisa ekuseni ngoMsombuluko, mhla ziyisishiyagalombili kuLwezi.

UMbambo uthe abasolwa bangene ebhilidini ngokuvula amawindi ngendluzula kanye nesisefo esisehhovisini esisetshenziselwa ukugcina imibukiso sigqekeziwe.

“Abasolwa bantshontshe i-cocaine eyizi-541 kg enenani elilinganiselwa kwizigidi ezi-R200 zamarandi base bagqekeza nehhovisi lapho kugcinwa khona izisefo,” kusho uMbambo.

“Umphathi kazwelonke wophiko oluphenya ngamacala abalulekile uLieutenant General  Godfrey Lebeya uqoke iphini lomphathi kazwelonke, uLieutenant General  Tebello Constance Mosikili ukuze enze uphenyo ngezimo zokweba kanye noMseshi futhi kucelwe ne-Forensics Service ukuthi iluphenye lolu daba.”

UMbambo uthe kuvulwe icala lokugqekeza endaweni yokusebenza, futhi basathungatha abanikazi bezidakamizwa.

Iphoyisa elingathandanga  ukudalula igama lalo lithe kusolakala ukuthi lezi zidakamizwa zintshontshwe abanikazi “Ngesikhathi kutholakala izidakamizwa ekhontenini akuboshwanga muntu. Ngokusobala abanikazi babe casukile ngokulahlekelwa izidakamizwa zenani lezigidi ezi-200 zamarandi,” kusho iphoyisa.

Izihloko zakamuva