“Amadoda kufanele asinike imali ngaphandle kokucelwa”-Malaika Mazwai

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Usaziwayo (blogger) uMusa Khawula wabelane ngevidiyo ku-X kaMalaika Mazwai, indodakazi yabaculi uThandiswa Mazwai noStoan Seate, ekhuluma ngezinto azifuna endodeni. 

UMalaika oneminyaka engu-24 uthe ufuna owesilisa osizayo ngaphandle kokucelwa. 

“Inkinga yami angifuni indoda ehlale ikhuluma ngo’mawami umawami’ ngifuna indoda ezobuza ukuthi yimalini irenti yakho? Ngikuthumele malini? futhi ivele ikunikeze ngaphandle kokubuza indoda enegama elihle, hhayi laba bafana abasakhula.”

Ividiyo idonse amehlo amaningi kakhulu ku-X, abanye bephawula bevumelana naye abanye bengahambisani nenkulumo yakhe.

Omunye ubhale ukuthi: “Abafuni ukuvumelana nesikhathi samanje. I-Feminism yalwela ukuzimela, kodwa manje basalindele ukuthi amadoda ahlinzeke ebe eqhudelana ngemisebenzi.”

Omunye uthe: “Madoda, khulisani izingane zenu. Ufuna ukunakekelwa iwona wonke amadoda. Ubaba wakhe okufanele akhokhele irenti.”

Umama kaMalaika, uThandiswa Mazwai, ungumculi odumile. Icwecwe lakhe lango-2004 elithi Zabalaza lathola i-double platinum futhi usanda kucula ku-NBC’s Tiny Desk e-US.

Ubaba wakhe, uStoan Seate, ungumculi wekwaito, umdidiyeli, umlingisi kanye nomethuli wezinhlelo zikamabonakude, futhi waba yilungu le-Bongo Maffin kusukela ngo-1996.

IScrolla.Africa ixhumane noMalaika Mazwai ukuze aphawule kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakayithumeli impendulo. 

Osesithombeni esongenhla: UMalaika Mazwai.

Umthombo: Instagram

Izihloko zakamuva