Amadoda avezelane izifuba ngezinkinga zawo

Thabiso Sekhula

Umphakathi uthi amadoda kumele aqine futhi angabi buthakathaka. Amadoda abelana ngemizwa kanye nemicabango yawo avame ukubonwa njenga buthakathaka, abizwe ngamagama futhi adelelwe.

Ngakho-ke izinga lokuzibulala labesilisa baseNingizimu Afrika liyaqhubeka nokukhuphuka. Kodwa kwesinye isikhathi kuthatha indoda eyodwa ukuthi iphumele obala ngobuhlungu bayo ukuze ikhuthaze amanye amadoda ukuthi nawo avuleleke.

Umholi wabafundi enhlanganweni i-EFF Student Command uMandla Shikwambana uveze izindaba zokuthi ushonelwe yindodakazi yakhe esanda kuzalwa kanti ngesikhathi abantu bemkhalela kuvele obaba abaveze izindaba zabo ezibuhlungu zokushonelwa izingane zabo.

“Ukube ubekwazi ukukhuluma nje, ngiyaqinisekisa ubezongitshela ukuthi, baba, angizile ukuzohlala isikhathi eside,” ebhala ku-Twitter.

Abanye obaba abangaphezu kwabangu-15 babelane ngokulahlekelwa kwabo okudabukisayo, omunye ubaba unezele ngokuthi nakuba esanayo indodakazi yakhe, unina wayo washona ngemuva kwesonto elilodwa eyibelethile.

“Ngiyothini kuMangaliso uma esemdala engibuza umama wakhe” kubhala ubaba ezibuza ukuthi uzothini kwindodakazi yakhe uma isibuza ukuthi uphi unina uma isikhulile.

Lento ingenza ngisho nabanesibindi ukuthi bakhale izinyembezi. Kodwa okunye okuphume kukho ukuthi amandla omuntu oyedwa wokwabelana ngokulahlekelwa kwakhe akwenze kanjani ukuthi kungabi “ubuthakakathaka” futhi akhe indawo ephephile yokuthi abantu bazile.

INingizimu Afrika idinga ukubeka eqhulwini impilo yengqondo yabantu bayo. Ezweni nasemhlabeni lapho okubheda khona okuningi, asiwanaki amadoda ethu. Nabo bayabuzwa ubuhlungu, bayehluleka, bayakhubeka futhi bayazila.

Scrolla World Cup Quiz