Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Iqembu lamadoda ayishumi lenze izimanga laqunga isibindi lathatha uhambo olukhulu lwamakhilomitha angu-274 lisuka e-Polokwane liya e-Union Buildings ePitoli – konke lokhu egameni lempilo yengqondo.
Iqembu lase-Tzaneen e-Limpopo lifike enhlokodolobha ngoMsombuluko ntambama ngemuva kokuhamba izinsuku eziyishumi.
Inhloso yabo: ukukhuthaza amanye amadoda ukuthi akhulume ngezinkinga zawo.
Lezi izinkinga ezinjengokuhlukunyezwa ngamazwi nangokomzimba – izindaba abavame ukuba namahloni ngazo noma abanamahloni okukhuluma ngazo.
Banethemba lokuthi uhambo lwabo lwezinsuku eziyishumi luzoqwashisa futhi lusize abesilisa nabafana nokuthi bagweme ukufela ngaphakathi.
Umholi waleli qembu uMatalane Mokgatla oyimbongi aphinde abe umbhali we-sePedi usebenzise izinkundla zokuxhumana eminyakeni edlule ukuze avumele abesilisa ukuthi bacobelelane ngolwazi.
NgoLwezi, uMokgatla waqwala i-Mount Kilimanjaro e-Tanzania okuyintaba ephakeme kunazo zonke e-Afrika emzamweni wokukhuthaza amadoda ukuthi akhulume ngokuhlukunyezwa kwawo.
Kulo mkhankaso wakamuva uMokgatla uthe amadoda atheleke enkundleni yakhe yezokuxhumana axoxa ngobuhlungu abuzwa ngokuhlukunyezwa yimindeni yabo, abashade nabo kanye nemiphakathi.
Uthe lolu hambo lumayelana nokuphonsela inselelo abesilisa ukuthi bakhulume ngezinkinga zabo bengafeli ngaphakathi.
“Emiphakathini yethu yabamnyama amadoda afakwa ezimweni kusukela esemancane ukuthi angakhombisi ubuthaka noma ukuba sengozini njengoba amadoda aphumela obala ebonakala ebuthaka.
“Abafana bayahlukunyezwa uma besakhula futhi bathwala ubuhlungu bese bekhula bengamadoda ahlukumezayo … okusalindeleke ukuthi aqine futhi ungakhombisi ubuthaka emphakathini.
“Lawa ngamadoda abulala odadewethu aphinde enze amacala angenangqondo ngoba ethwele kanzima,” esho.
UMokgatla wengeze ngokuthi kulolu hambo olude banethemba lokubona amadoda amaningi ezama ukuthola usizo ukuze abhekane nezinhlungu zawo futhi athole ukwelulekwa.
Ekhasini lakhe laku-Facebook uveze imigudu lapho amadoda ahlukunyeziwe angafuna usizo khona.
Esithombeni esingenhla: Amadoda ayishumi ahamba ngezinyawo esuka e-Polokwane eya e-Union Buildings
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe