Amadoda amabili ashaywe onogada bakaMashatile aqeqeshwa emasosheni akuleli

Lubhalww ngu-Everson Luhanga

Izisulu ezimbili zesigameko sokushaya esenzeke ngoMsombuluko okusolwa ukuthi senziwe onogada bephini likaMengameli uPaul Mashatile zivezwe njengeziqeqeshelwa ukuba amasosha.

Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) uRobbie Raburabu ukuqinisekisile engxoxweni abe nayo ngocingo ne-Scrolla.Africa ukuthi la madoda amabili ashayiwe aphinde akhahlelwa esigamekweni sokuhlasela esithwetshulwe kwividiyo bangamalungu ombutho wezokuvikela wakuleli iSANDF.

“Sixoxile nezisulu futhi singaqinisekisa ngamarekhodi ukuthi ziqeqeshwa kwa-SANDF,” kusho uRaburabu etshela i-Scrolla.Africa.

Uphinde waqinisekisa ukuthi i-Ipid iphenya izinsolo zokuthi amalungu ophiko lwezokuphepha akwaSAPS ahlasele la madoda ku-N1 North eduze nesiteshi samaphoyisa sase-Sandton.

Esitatimendeni esikhishwe i-Ipid ngoLwesibili uthe: “abaphenyi bakwa-Ipid sebevele baxhumana namalungu omndeni wezisulu ukuze basizwe ngokuvula amacala. Izingxoxo ziyaqhubeka ukuze kuphinde kutholakale abaqashi bezisulu ukuze basize ophenyweni.

“I-Ipid isixhumane nabaphathi bakwa-SAPS kanti basebenzisana nabo ngokugcwele mayelana nophenyo lwe-Ipid.”

Phambilini ngoLwesibili amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi aphumelele ukuthola umkhondo wala madoda ahlaselwe base behlonza amalungu akwa-SAPS abandakanyeka esigamekweni sokushaya.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe uhlelo lokuthola izitatimende zabo lusaqhubeka njengengxenye yophenyo. Uthe amaphoyisa athintekayo nawo asehlonziwe futhi azobhekana nezinqubo zangaphakathi.

“Abaphathi bakwa-SAPS babheka lokhu njengento ebucayi futhi bafuna ukuthola umnyombo walesi sigameko.”

NgoLwesibili okhulumela uMashatile, uVukani Mde utshele i-Mail & Guardian ukuthi iphini likaMengameli belingekho emotweni ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

“Iphini likaMengameli liyakugxeka lokhu kuziphatha futhi lithola le vidiyo kungephazamisa kakhulu,” kusho uMde. Uqhube wathi ihhovisi likaMashatile belilokhu lixhumana nabakwa-SAPS.

Abantu abaningi okuhlanganisa namaqembu ezepolitiki nezinhlangano zomphakathi basigxekile lesi sigameko bathi kumele aboshwe amaphoyisa athinteka kuleli cala.

UMengameli we-ActionSA uHerman Mashaba uthe iqembu lakhe ngeke livumele iphini likaMengameli ukuthi liphunyule ekubeni umholi we-mafia obusa ngesihluku.

“I-ActionSA iyawugxeka umlando omude kaMashatile wokuziphatha okungabazekayo okhulise indawo evundile ukuze onogada bakhe benze ubugebengu. Lokhu ngeke kubekezelelwe,” kusho uMashaba esitatimendeni.

Izihloko zakamuva