Amadoda ahlomile amise ukulungiswa kukagesi Kwa-Thema

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Amavolontiya aqokwe ukusiza ukubuyisela ugesi Kwa-Thema Ekurhuleni asabela izimpilo zawo ngemuva kokuthi iqulu lamadoda abehlomile libasabise libatshele ukuthi bayeke ukusebenza ngeSonto ebusuku.

Laba bahlonzwe njengeqeqebana losonkontileka abangeneme abangaqokwanga ukwenza lo msebenzi.

Sekuphele amasonto amathathu umphakathi ungenawo ugesi ngemuva kokushiswa kwesiteshi esincane saKwa-Thema okuyi-transformer ehlinzeka le ndawo ngogesi.

Kukholakala ukuthi ukwebiwa kwamakhebuli e-Rife kule ndawo kube nomthelela ekutheni i-transformer ithwale kanzima.

Ngenxa yokulimala kwe-transformer le ndawo isizofakelwa ugesi ngesiteshi esincane esise-Brakpan, i-Vulcania.

Amavolontiya omphakathi agubhe imisele ukuze kuzofakwe amakhebuli kagesi okwesikhashana elokishini.

Kuze kube manje izingxenye ezithile elokishini sezibuyiselwe ugesi kusukela ngoLwesihlanu kanti osonkontileka basazama ukulungisa ugesi kwezinye izindawo.

Ikhansela ewadini lesi-77 uThulane Dunjane uthe “siphinde sabhekana nokusatshiswa kosonkontileka ngamaqembu ahlomile asabisa abasebenzi aphinde abayalela ukuthi bayeke ukusebenza.

“Lokhu kubambezela uhlelo lokuxhuma ugesi kabusha ezingxenyeni ezisele zendawo,” esho.

Ivolontiya uWilliam Nkosi uthe bebesebenza ubusuku bonke ukuxhuma ugesi kabusha ezindaweni ezithintekile ngesikhathi amadoda abehlomile egqoke izifonyo ebahlasela.

“Baqhumise izibhamu emoyeni basitshela ukuthi siphume endaweni noma bazosibulala uma siqhubeka nokusebenza.

“Angisebenzi futhi ngithathe leli thuba ukuze nginakekele umndeni wami ngesikhathi ngizama omunye umsebenzi. Manje sengisabela impilo yami,” esho.

Elinye ivolontiya uSizwe Zwane wengeze ngokuthi nakuba ebazi ukuthi ukuphepha kwakhe kuzophazamiseka ubengalindele ukuthi kuzokwenziwa osonkontileka abangeneme.

“Bengilindele ukuthi abezinyokanyoka bazofika bazothatha amakhebuli amasha kodwa manje siphoqeleka ukuthi siyeke ukusebenza ngoba kukhona ongawutholanga umsebenzi.

“Sekuphele izinsuku ezingaphezu kuka-20 umphakathi ungenawo ugesi futhi awusakwazi ukubekezela. Bebelokhu bebhikisha kusukela ngesonto eledlule,” engeza.

Esithombeni esingenhla: Ukulungiswa kwamakhebuli kagesi 

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva