Amadoda abehlomile abulale abesilisa abathathu endaweni yokugunda izinwele

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Amaphoyisa aseWestern Cape aphenya isigameko sokudubula endaweni yokugunda izinwele eBrown’s Farm, ePhilippi, eKapa, ​​ngezithuba zabo-13:00 ngoLwesithathu, lapho kushone khona abesilisa abathathu kwalimala abahlunu.

Isakhamuzi esicele ukungadalulwa, sithe besivakashele ilungu lomndeni ngesikhathi sizwa kuqhuma isibhamu.

???“Seke ngizwa isibhamu siqhuma kaningi kumafilimu,” kusho yena.

Ugijime wabuyela endlini yakhe eyocasha.

Ngesikhathi ukudubula sekuphelile, uhambe wayobheka ukuthi kwenzekeni. Uzwe ukuthi abahlaseli bafike endaweni yokugunda batshela amakhasimende athile ukuthi aphume ngaphambi kokuthi adubule abagilwa. Amadoda amabili ashonele khona lapho.

Abagilwa bebephakathi kweminyaka engu-18 no-21 ubudala.

“Ngiyayidabukela imindeni, kodwa laba abadutshuliwe bebengekho msulwa. Ngizwile ukuthi lokhu kuwukuziphindiselela ngento abayenzile,” engeza.

Esinye isakhamuzi sithe izigebengu endaweni zibanga imali yokuvikela.

“Babulalana bodwa ngenxa yemali abangayisebenzelanga,” kusho isakhamuzi.

“Okungenani abahlaseli badedele abantu abangenacala ukuthi baphume endaweni yokugunda. Angibadabukeli labo abakhokhela izenzo zabo ezimbi.”

Okhulumela amaphoyisa uColonel Andre Traut ukuqinisekisile ukuthi abaseshi bathungatha abasolwa abane abathintekayo kulesi sigameko.

“Amadoda amane abehlomile aqhamuke endaweni yokugunda adubula abantu abayisishiyagalombili. Ababili bashonele endaweni yesigameko, abanye abayisithupha baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa washona ngenxa yokulimala,” kusho uTraut.

Amaphoyisa akholelwa ukuthi ukudubula kungenzeka kube yisenzo sokuziphindiselela, kodwa asaphenya.

Esithombeni esingenhla: Amalambu amaphoyisa.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva