Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kusolwa AmaDelangokubona ngokusabisa uNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi KwaZulu-Natal ngezinhlamvu ezitholakale zibekwe ngesikhwama eduze kwemoto yakhe.
UMnuz Martin Mayer kuthiwa uzithele phezu kwalezi zinhlamvu ebezisesikhwameni ngenyanga eyedlule ngemuva kokumemezela ukuthi kuzophela ukucanasa kwamaDelangokubona asolwa ngokuphazamisa intuthuko yomphakathi.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe kazwelonke walo Mnyango okunguMnuz Dean Macpherson ngesikhathi enengxoxo nesiteshi sikamabonakude i-Newsroom Afrika.
“I-KZN iyingozi kakhulu uma kuziwa kulezi zinto zamaDelangokubona. Siyidingide kabanzi indaba yawo sinoNgqongqoshe uMeya nokuyilapho engibikele khona ukuthi njengoba ebhekene nabo nje, sebemthumelele ngesikhwama esigcwele izihlamvu, bemsabisa,” kusho uMacpherson.
Uveze ukuthi iningi lamaDelangokubona kuneqembu elithile lezepolitiki asebenza nalo futhi alixhasa ngezimali.
Kwenzeka lokhu nje kuthe ngesonto eledlule uMayer waphuthuma eMgungundlovu nalapho ewatshele emehlweni AmaDelangokubona ukuthi abazukunanaza njengohulumeni ukuwafaka ejele.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba ephazamise umsebenzi ka-R109 million wokwakhiwa kwamahhovisi oMnyango wezokuThutha.
NgoMsombuluko kubuye kwavela abanye enkantolo abahlanu ababoshelwe ukuphazamisa umsebenzi wokwakhiwa kwebhuloho laseMgungundlovu ngoba befuna ithenda yakhona ngenkani.
Nokho akucaci ukuthi noma laba ababoshiwe bayathinteka yini nasekuphazamiseni le thenda ka-R109 million yamahhovisi oMnyango wezokuThutha.
UMayer uthe umthetho awudlale indawo yawo uphinde wenze isibonelo ngesigwebo ozobanikeza sona.