AmaCrown Gospel Music Awards azodlondlobala emhlabeni wonke ngenhloso yokuhlonipha uZanele

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Abaphathi bama-Crown Gospel Music Awards ka-2024, azoba ngoLwezi, sebememezele ukwandiswa kwesibalo sabazoqokelwa izindondo zomculo wevangeli kulo mcimbi ngokufaka nabakwamanye amazwe. 

Sekuzoba nabaculi abavela emazweni ase-Afrika, abahlala eMelika, e-Caribbean naseYurophu esigabeni esisha esithi “Best of Afrika”.

Umcimbi wemiklomelo uzohlonipha umsunguli uZanele LaMbokazi-Nkambule kanti uzokwethula izinguquko ezithokozisayo.

UMbhishobhi Mpendulo Nkambule, ongumdidiyeli omkhulu wezindondo nomyeni kaLaMbokazi-Nkambule, wethule uphawu olusha (logo) wathi imiklomelo izogcina izinga layo eliphezulu.

Umcimbi uzoba ngomhlaka-24 kuLwezi e-Gallagher Convention Centre e-Midrand, eNingizimu Afrika.

Ukuqokwa kwabaculi kuvuliwe kuze kube umhlaka-10 kuMfumfu, kanti umcimbi wokumenyezelwa kwabaqokiwe uzobanjwa mhlaka-30 kuMfumfu.

ULaMbokazi-Nkambule ongumsunguli wale miklomelo nobephinde abe ngumsakazi wakumabonakude nomsakazo oyintandokazi, udlule emhlabeni eneminyaka engu-52 ngomhlaka-12 kuNcwaba esibhedlela i-Parklands eGoli ngemuva kokuxinwa wumdlavuza wamaphaphu.

Osesithombeni ngenhla: UZanele LaMbokazi-Nkambule.

Umthombo: Instagram

Izihloko zakamuva