Amaciko aseThekwini asebenzisana no-Edgars

Sizwe Sibiya

Ongoti bengqephu abathathu baseThekwini benze isivumelwano nenkampani yakwa-Edgars ukuhlinzeka izitolo zayo ngengqephu eKapa, eGoli naseThekwini.

UMakhosi Ntshangase wenkampani yemfashini i-Sista Felas, uKwenzi Nkomo we-Indoni Fashion House kanye noSandile Mlambo we-House of Alfalfa baqokwe ukuthi baphakele lesi sitolo ngengqephu ngemuva kokujabulisa abakwa-Edgars ngomsebenzi wabo oyingqayizivele.

Imiklamo kaNtshangase ifike emashalofini akwa-Edgars e-Sandton City Mall ngoLwesibili, lapho okuzotholakala khona ekaSandile ekupheleni kwale nyanga.

“Ngihlale ngitshela abantu ukuthi impumelelo yami ithinta i-Fashion Development Programme yedolobha. Le ndaba ngiyikhuluma noma yikuphi lapho engiya khona ngoba ingenze umuntu enginguye namuhla,” kusho uSandile owaqokwa njengomsiki wengqephu osafufusa we-Durban Fashion Fair nguMasipala weTheku.

Samsung Galaxy 14G

Waphinde wathola indondo yonyaka ye-Young Designer ye-Vodacom Durban July ngo-2019.

I-Indoni Fashion House kaNkomo isiqalile futhi ukuphakela u-Edgars ose-Sandton City Mall, ngemikhiqizo yakhe yengqephu ethola ukubuyekezwa okujabulisayo ngamakhasimende.

Imiklamo yakhe ithengwa ngokushesha kangangokuthi u-Edgars usufuna ukudayisa imikhiqizo yakhe ezitolo zayo e-Gateway Mall eThekwini nase-Canal Walk Shopping Centre eKapa.

UNkomo noMlambo bazinze e-Glenwood, kanti isitolo sikaMakhosi sitholakala ku-Essenwood Road eThekwini.

Exoxa nabezindaba, iMeya kaMasipala weTheku, uMxolisi Kaunda, osanda kukhipha ingoma yakhe yama-piano – uthe ubonga kakhulu ukubona lolu hlelo luthela imiphumela emihle futhi ludala amathuba omsebenzi.

“Laba basiki bengqephu abathathu bebodwa baqashe abasebenzi abangu-31 ngokugcwele futhi badale namatoho,” kusho uKaunda, engeza ngokuthi lolu hlelo lwentuthuko lwasungulwa ngumasiphala eminyakeni eyishumi nanye edlule.

Scrolla World Cup Quiz