Linda Ximba
Omrepha ababili bakuleli bazobambana ngezihluthu emdlalweni wobungani wesibhakela.
UCassper Nyovest noNaakMusiq bazodedela imibhobho okwesikhashana bese befaka amagilavu esibhakela uma sebedudulana empini yosaziwayo ezoba e-Sun City ngoMgqibelo.
Selokhu kwaqinisekiswa ngalempi ebilindwe ngabomvu, izindaba sezizakhele isasasa ezinkundleni zokuxhumana.
Ukuduma kwabo kwenza abalandeli babemagange ukubona ukuthi ngubani ozowina eringini.
UNyovest, ogama lakhe langempela nguRefiloe Phoolo, uveze kuleli sonto ukuthi wehle emzimbeni ngo-18kg emasontweni angu-12 ukukhombisa ukuthi uzimisele kangakanani.
“Wake wangibona ngishaya isibhakela? Ngiyisilwane. Angicabangi ukuthi ukhona usaziwayo ongangihlula. Kumele ngimhlule,” usho kanje esithangamini nabezindaba.
Lo mculi uthe ukuqeqeshelwa isibhakela kumfundise lukhulu ngezokudla, ukuqeqeshwa nesayensi yezithako zokudla.
“Bekudingeka ukuthi ngiyeke ukudla engikuthandayo notshwala ukuze ngehlise isisindo ngaphambi kwalempi,” engeza.
UNaakMusiq, ogama lakhe langempela ngu-Anga Makubalo, ukhethe indlela enesizotha ngesikhathi exoxa ngempi ezayo, njengoba ekhethe ukufaka amavidiyo akhe eziqeqesha isonto elilodwa ngaphambi komcimbi.
“Sinqume ukuhamba neqhinga lokuthi singafaki lutho. UCass ubenethezekile. Uyakwazi akwenzayo futhi usenesikhathi eside ekwenza. Ngakho sibonile ukuthi nginesiqiniseko sokuthi kunevidiyo eyodwa noma amabili ami ngisaqala isibhakela,” kusho uNaakMusiq.
“Kanti lawo mavidiyo ebeyihlaya impela. Thina besicabanga ukuthi bekuyinto ekhombisa ubuhlakani. Masisebenze ngasese, sakhe isilwane bese sisidedela ngobusuku bempi.”
La baculi ababili bathe bahlela ukushintsha isibhakela sosaziwayo sibe yibhizinisi elikhulu.
Lo mncintiswano uxhaswe ngabakwa-Celeb City, ngohlelo oluzobe luphethwe nguBontle Modiselle-Moloi.
Kuzoba wumncintiswano wezinsuku ezintathu oqala mhla ziyisishiyagalombili kuya kumhlaka-11 kuMbasa. Amathikithi okungena empini yangempelasonto abiza ukusuka ku-R9 000 kuya ku-R65 000 umuntu ngamunye.
Umthombo wesithombe: @EastCoastRadio