Sizwe Sibiya
Ngemuva kokugqunywa ejele, umculi ophinde abe ngumethuli wezinhlelo uJub Jub ubukeka ezoduma kakhulu ngemuva kokumemezela ukuthi usesebenzisana nomrepha u-Emtee.
NgoLwesibili, uJub Jub ubhale umbhalo ohamba nesithombe ku-Instagram emi nalo mrepha odumile ngombhalo othi: “sesikulungele…… HLELANI USUKU‼”
Ngo-2012, wagwetshwa iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngokudala ingozi yemoto enyantisa igazi. Wayegijima nomngani wakhe ngemoto eduze kwesikole e-Soweto ngo-2010 edle izidakamizwa. Kule ngozi kwashona abafundi besikole abane kwalimala ababili. Wadonsa iminyaka emine kuphela yesigwebo sakhe ejele.
Okuzovela ngokusebenzisana kuka-Emtee noJub Jub kusazobonakala.
NgoLwesithathu, uJub Jub ukhiphe ingoma yama-piano emangalisayo noDJ Cleo enesihloko esithi Amaswidi.
Kuthiwa useqalile nokuqopha isizini entsha yakuMoja Love ye-Uyajola 9/9, kulandela ukumiswa kwakhe kulesi siteshi ngoZibandlela ngo-2021. Waxoshwa ngemuva kokusola owayenguzakwabo uKelly Khumalo ngokusebenzisa umuthi ngesikhathi enengxoxo kwi-Podcast and Chill kaMacG.