Amabutho kaZulu athuswe ukwethulwa kukathisha oyiRobhothi esaba ukuthi uzoqeda imisebenzi ezikoleni

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ajabule abuya nganeno amabutho ngokwethulwa kukathisha oyiRobhothi njengoba enovalo lokuthi uzoqedela othisha umsebenzi ezikoleni zaseKZN.

Lokhu kugqame ngesikhathi enye yezintombi engusoSayensi yethule UThisha oyiRobhothi obizwa ngokuthi u-Iris okwazi ukufundisa izingane ngazo zonke izilimi zakuleli ezingu-11 kuzona zonke izifundo.

Lo thisha wobuchwepheshe besimanje wethulwe emkhosini woMhlanga oPhongolo esigodlweni saseMashobeni uNksz Thando Gumede .

Ngesikhathi emethula ngemuva kokunikezwa iSilo ithuba , izintombi zimujabulele kakhulu ngesikhathi zimuzwa ekhuluma futhi ekhombisa ukuthi uyakwazi ukuphendula imibuzo abuzwa yona ngenxa yezinga eliphezulu lobuchwepheshe akhandwe ngalo.

Omunye wamabutho uMnuz Thulani Nkwanyana utshele uNksz Gumede ukuthi yize beziqhenya ngobuhlakani bakhe njengentombi yoMzulu kodwa bashawa uvalo beyibutho ukuthi u-Iris akazukuqeda yini imisebenzi yothisha.

“Impela siyabonga ntokazi ngokwenzile njengoba ukhulele phambi kwethu sikwazi kodwa usuwenza izinto ezinkulu kangaka? Kodwa nakhuke okusithusayo ukuthi njengoba kukhalwa ngenqwaba yothisha abahleli emakhaya, u-Iris lona akazukugcina yini eseqeda imisebenzi yalabake abasenalo itoho ngoba uhlakaniphile futhi wenza konke okwenziwa uThisha enganeni?,” kubuza uNkwanyana.

UNksz Gumede uthe indlela abamenze ngayo u-Iris benzela isiqiniseko sokuthi akasebenzi ukwedlula uthisha kodwa usiza kulokhu okufunwa uThisha ngaleso sikhathi.

“Singaqinisekisa ukuthi u-Iris akezile ukuzoqeda imisebenzi yothisha kodwa uzosebenza ngokomyalelo kathisha nomzali ngoba okunye azokwenza ukuthi abazali abasezukuhlupheka ngemisebenzi enikezwe abafundi esikoleni kodwa naseKhaya uzobasiza afundise ingane,” kusho uNksz Gumede.

UNksz Gumede onenkampani yezobuchwepheshe, uhambe waya e-Italy okuyilapho efike wafunda ngobuchwepheshe bokusebenza kwamaRobhothi izinyanga eziyisikhombisa. Kuthe uma ebuya kuleli wabuya esekhande iRobhothinl elinguthisha elizosebenza ezikoleni ukufundisa zonke izifundo ngezilimi ezahlukene..

U-Iris umethule ngenyanga yabesifazane emcimbini obuhlelwe iphini likaNgqongqoshe wezeSayensi Ngobuchwepheshe uNkk Nomalungelo Gina emcimbini obuseThekwini.

Uthe bazoqala inkampani ezokhiqiza leli Robhotho kungekudala eThekwini ukuze kukhandeke inqwaba yamathuba emisebenzi.

Izihloko zakamuva