AMABUTHO AVIKELA UZUMA

Everson Luhanga

Izingoma zomdabu zempi bezizwakala emagqumeni aseNkandla njengoba Amabutho ebebheke emzini kaJacob Zuma ngoLwesine ukuyomvikela ekuboshweni.

Izibhamu, imikhonto nezinduku ngezinye zezikhali ebeziphethwe inqwaba yabasekeli bakamengameli wangaphambilini abebebuthene ngaphandle komuzi wakhe.

Abesifazane basemakhaya bebelilizela ngesikhathi Amabutho ecula izingoma zesintu, ezijwayele ukuculwa enkundleni yempi, beseka uZuma.

Wenzeni uZuma? Bekungenye yezingoma ezihlanganise izihlwele emculweni.

Isixuku sihlukanile ngesikhathi kuqhuma isibhamu emoyeni siqhunyiswa abalandeli bakaZuma.

Abanye baphakamise izingqwembe ezinamagama athi, “Shiya phansi isikhundla, Cyril Ramaphosa.”

Bakholelwa ukuthi umengameli unesandla kwizinkinga zomthetho zikaZuma.

Abasekeli abathembekile bakaZuma bathembisa ukumvikela ekutheni angayi ejele ngemuva kokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo imgixabeze izinyanga eziyishumi nanhlanu ebhadla ejele ngenxa yokwenqaba ukuvela ngaphambi kwekhomishini yokulawulwa kombuso.

Inkantolo inikeze uZuma izinsuku ezinhlanu – eziphela ngeSonto – ukuthi azinikele emaphoyiseni aseNkandla noma eGoli.

Ngasekupheleni kukaLwesine, izimoto zamaphoyisa bese zandile ngesikhathi isixuku sikhula.

NgoLwesine, abaxhasi bakaZuma abasebenza kanzima bahambe besuka eThekwini beze eNkandla, indawo eqhele ngamakhilomitha angama-240.

UZuma akazange akhombise ukuth uzosithobela yini isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo noma angayishaya indiva inkantolo enkulu yakuleli.

Kodwa iNkosi yesizwe sakwaZuma eNkandla, uBhekumuzi Zuma, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akekho umuntu ozobopha uZuma.

“Ngincamela ukufa.”

Uthe labo abazoza eNkandla ukuzombopha kuzofanele babulale yena kuqala.

“Ngeke sizinikele noma sihlehlele emuva. Impi le, futhi sizolwa kuze kube sekugcineni.”

Indodana kaZuma, u-Edward, uthe angamane afe kuqala nokuthi ubaba wakhe aboshwe.

Amagatsha amaningi e-ANC kulindeleke ukuthi ajoyine abalandeli bakaZuma eNkandla ngoLwesihlanu.

Omakadebona boMkhonto weSizwe bebesemzini kaZuma izinyanga ngaphambi kwesinqumo sangoLwesibili esiyingqophamlando sokulwa noZuma.

Isizwe silindele ukubona ukuthi ngabe uZuma, owake waba yindoda enamandla kakhulu ezweni, uzophenduka isiboshwa eminyakeni emithathu ngemuva kokuphuma kwakhe esikhundleni njengoMengameli.

Izihloko zakamuva