Amabutho aphule umthetho womvalelo ayokweseka uJacob Zuma eNkandla

Lungani Zungu

INkosi yaMaZulu uMisuzulu kaBhekuzulu kanye noMntwana uMangosuthu Buthelezi bagxeke  Amabutho, ngemuva kokuba eye eNkandla ukuyokweseka uJacob Zuma.

UButhelezi, obekhuluma ngokwesikhundla sakhe njengoNdunankulu wakwaZulu, uthe indlu yobukhosi ayikaze ithumele Amabutho ukuba aye eNkandla.

Uveze ukuthi umholi wamaButho, uZihogo Maguzumbela Nhleko – odume kwabaningi njengoMgilija – ubeseNkandla ngoMgqibelo.

“UMnu uNhleko wenze lokhu ngaphandle komyalelo ovela eNkosini noma eNdlunkulu, noma kimi njengoNdunankulu wendabuko kwiNgonyama neSizwe samaZulu,” kusho uButhelezi esitatimendeni.

UButhelezi uthe iSilo uMisuzulu siphikisana nokwephulwa kwemithetho ebekiwe, njengoba manje igciwane lisabalala eNkandla.

Umholi we-IFP uzoba nesithangami nabezindaba ngoMsombuluko ekuseni ngodaba lwamaButho, aqhubeka nokweseka uZuma eNkandla.

UZuma ubhekene nezinyanga eziyi-15 ebhadla ejele ngokudelela imiyalelo emibili yenkantolo emtshela ukuthi avele kwikhomishini yophenyo yombuso, eholwa yiPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo.

INkantolo yoMthethosisekelo yanikeza uZuma izinsuku ezinhlanu, eziphele ngeSonto, ukuthi azinikele emaphoyiseni.

NgoLwesihlanu ufake isicelo sokuthi lesi sinqumo siguqulwe.

INkantolo Yomthethosisekelo izolalela impikiswano kaZuma ngoMsombuluko, mhla zi-12 kuNhlangulana.

Lesi yisicelo sokugcina sikaZuma sokufuna ukubalekela ukuya ejele.

Abalandeli bakhe bathutheleke eNkandla selokhu kwavela isinqumo senkantolo ngoLwesibili.

Izihloko zakamuva