AmaBulls azobhekena neStormers kozobe ushubile ngempelasonto 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

Impela iWestern Province ihlule amaBlue Bulls ngesonto eledlule kodwa lokho kungase kungenzeki kuleli sonto.

➤ Yebo kunzima ukukholwa ukuthi umdlalo ozobe uphakathi kwamaBulls neStormers ngoMgqibelo ngeke uvune iStormers, kodwa impungushe endala ehlakaniphile umqeqeshi uJake White waziwa ngokuhlulwa emidlalweni engabalulekile nokuwina imidlalo ebalulekile. Kodwa-ke, ngokwe-United Rugby Championship lona umdlalo obaluleke kakhulu. Ngabe amaBulls azokwazi ukuwina?

KuStormers u-Evan Roos kufanele akhiphe lonke ijubane kanti noDeon Fourie ozoba ingqwele yamaBhokobhoko ngelinye ilanga usekulungele ukudlala. Uma sikhuluma ngejubane eliphelele nezingqalabutho zakusasa uSacha Mngomezulu uzobe ekhona.

Kuthiwani ngomqhudelwano phakathi kukaKurt-Lee Arendse no-Damian Willemse? Ingabe uWillemse angamisa u-Arendse wamaBulls?

Lokhu sizokuthola ngoMgqibelo ngo 3.30 ntambama.

Uma ukholelwa ezimangalisweni manje isikhathi sokuthi uqale ukuthandaza. Uma sikhuluma iqiniso isimangaliso kuphela esingahlenga amaSharks uma esebhekene ne-Leinster e-Dublin.

AmaSharks azobe engaphansi kwengcindezi njengoba lizobe lina futhi kuzobe kubanda kakhulu kodwa i-Leinster izobe ishisa kakhulu. Sinifisela inhlanhla, maSharks! Ningakhohlwa ukuthi siyanithanda!

Zilungiseleleni umdlalo ozoba ngehora lesithupha ntambama ngoMgqibelo.

➤ I-Currie Cup ingase ingagqami ngenxa ye-URC kodwa imidlalo emithathu yangoMgqibelo kuzomele uyibuke uma unesikhathi.

AmaPumas kuzofanele abuyise ifomu yawo uma esebhekene ne-Griffons (ngo-1 emini) ngemuva kokudlala kabi ebhekene namaLions.

AmaCheetahs kuzomele abe efomini yawo enhle emdlalweni wawo ukuze agcine indawo yawo phezulu kwi-log uma esebhekene neWestern Province (ngo-3 ntambama). AmaBlue Bulls adlala namaSharks ePitoli (ngo-5.05 ntambama). Lindela umdlalo wamagqubu njengoba womabili la maqembu engazange abe nesizini enhle.

Yonke imidlalo yebhola lombhoxo izobukwa bukhoma esiteshini se-DStv 201 no-211.

➤ I-Arsenal ibhekene nolunye uvivinyo olunzima lokuzama ukuhambisana ne-Manchester City eshisayo kule mpelasonto.

I-Arsenal izobhekana nohambo oluya e-Newcastle ngeSonto ngo-5.30 ntambama ngethemba lokuhlala phezulu etafuleni.

I-Manchester City ehola phambili etafuleni izobhekena ne-Leeds United ethembele kuSam Allardyce ukuthi enze isimangaliso nokuthi abagcine emqhudelwaneni ohamba phambili waseNgilandi.

Lo mdlalo uzoqala ngo-4 ntambama ngoMgqibelo.

Umdlalo we-Premier League uzobukwa bukhoma esiteshini se-DStv 203.

➤ I-Formula 1 izobuya ngempelasonto yesibili kulandelana futhi kulokhu ilibangise eMelika emqhudelwaneni we-Miami Grand Prix.

I-Red Bull ibibusa emjahweni wokugcina e-Azerbaijan futhi kunamahlebezi okuthi izoletha ezinye izinto ezintsha kule mpelasonto ngakho-ke, lindela okufanayo.

Lungisa isiphuzo esinamandla (mhlawumbe i-Red Bull) njengoba umjaho uzoqala ngehora leshumi ebusuku ngeSonto.

Yonke imijaho ye-Formula 1 izobukwa bukhoma esiteshini se-DStv 215.

Esithombeni esingenhla: IWestern Province ibhekene neBlue Bulls

Umthombo wesithombe: WP Rugby

Izihloko zakamuva