AmaBulls avalelise umdlali wabo ngendlela ehlukile 

Lubhalwe nguLucky Maree

Ama-Bulls aqhakambise uMorné Steyn ongomunye wabadlali babo  abavelele emdlalweni wombhoxo ngendlela azoyithokozela kakhulu.

Bazonikela ngemali engango-R1 ngethikithi ngalinye elidayiselwe imidlalo yase-Loftus kwi-#MS10 Foundation phakathi noMasingana kanye noNhlangulana uma kuphela inkontileka yakhe.

Kuwo wonke umsebenzi wakhe omude, uSteyn akakaze abhekwe njengomdlali onethalente elijwayelekile. Emdlalweni owazisa amakhono okuphatha, ikhono lomzimba kanye nomuzwa webhola, akazange abhekwe njengomdlali ohamba phambili.

Lo mdlali ogqoka ijezi elinenombolo yeshumi kunoma iliphi iqembu ungumdlali okufanele abe nawo amakhono abaliwe futhi wonke. I-Flyhalf isikhundla lapho ithalente elijwayelekile lithathelwa phezulu kakhulu.

Umdlali oyi-flyhalf kufanele abe namakhono ahlukene ukuze enze into efanele.

Noma iyiphi ingxoxo emayelana nejezi elinenombolo yeshumi izobe imayelana nokuthandwa kukaHenry “Lem” Honiball, uDan Carter, uBeauden Barrett, uPhil Bennett noJonny Wilkinson, abaphakathi kwalabo abanawo wonke lawo makhono. UFinn Russell angase abe kuleso sigaba maduze.

Bambalwa kakhulu abathathwa njengabakuleli qembu. Akulona ihlazo ukuthi uHandré Pollard akasiye umdlali osezingeni eliphezulu futhi akangeni kuleso sigaba ngoba kuyizinga elinzima kakhulu ukufinyelela kulo.

Isikhathi esiningi igama likaMorné Steyn livela uma abantu bekhuluma “nge-flyhalf yokukhahlela”. Lo mdlali ulikhahlela kahle ibhola, kodwa akukuningi kakhulu akwenzayo.

Uma ngikhuluma iqiniso ezinsukwini zokuqala zebhola lombhoxo lamaBhokobhoko, uSteyn akukho okuningi akwenza kodwa lokhu okuncane akwenzile kunegalelo.

Ngo-2009 ngesikhathi se-test yesibili yamaBhokobhoko bedlala nama-Britain kanye nama-Irish Lions, waphuma ebhentshini ngemuva kokuthi uRuan Pienaar ebe nosuku olubi kakhulu njenge-flyhalf. USteyn wafaka ama-conversion amabili namaphenalthi amabili kanti lokho kwasiza elakuleli lanqoba umdlalo. 

Nokho kwakungelula ukuphikisana nesitatimende sokuthi akukho lutho olutheni ngomdlalo wakhe. Yebo ubedingeka njengomdlali okhahlelayo, kodwa hhayi okunye nakuba efakwe ngemuva ukuze bamgcine esenkundleni.

Ubengakaze abe ngumdlali ohambi phambili. Wayengasheshi ngokwanele ukudlala esayidini futhi njengomdlali wasemuva ubedinga ukuvikelwa.

Ngakho ubehlezi eyi-flyhalf. Futhi nalapho ukwenza kwakhe nezinqumo bekungekho ezingeni eliphezulu.

Inkundla yezemidlalo ikakhulukazi ibhola lombhoxo igcwele abantu abakhombisa ithalente lemvelo, kodwa bakhohlweukuliveza. U-Elton Jantjies ngeshwa uyisibonelo esisobala somuntu oveze ithalente, kodwa wangaqhubeka nokulisebenzisa.

Ngakolunye uhlangothi uMorné Steyn akazange ayeke ukusebenza emdlalweni wakhe. Kulabo abebekukhathalele ukukubheka bekuhlale kunentuthuko. Akukaze kube okumangalisayo futhi akukaze kubonakale, kodwa bekukhona.

Emdlalweni wabo ne-Stormers obungomhlaka-18 kuNhlolanja, uSteyn ungene sekusele imizuzu engu-15 kuphele futhi akazange abe nomthelela omkhulu. Kodwa kulabo abebenendaba bekunezikhathi ezithile ezifakazela ukuthi usehambe ibanga elingakaani. Ufakele abadlali ingcindezi, waba nama-tackles amabili waze waphuma ngisho emgqeni. Futhi-ke ukukhahlela kwakhe kufakazele ithalente analo.

Lo mdlali oneminyaka engu-38 ubudala udlale umdlalo omuhle futhi wenza konke okusemandleni akhe njengoba ubehlale enza kuyo yonke imidlalo yakhe.

Isithombe esingenhla: UMorné Steyn othole ukuhlonishwa okumfanele

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva