AmaBulls ashaye amaStomers eKapa

Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar

➤ Umqeqeshi wamaBulls, uJake White cishe akakujabuleli ukubizwa “ngempungushe endala ehlakaniphile” kodwa kuleli sonto uliphilisile leli gama lesidlaliso ngokushaya amaStormers kuzo zonke izigaba zomdlalo.

Uma sikhuluma iqiniso, uJake White ukhohlise abantu abaningi ekuqaleni kwesonto, ngesikhathi ethi ugxile ekuwineni i-United Rugby Championship. Impela kuzwakale njengezaba ezithuthukile zokuhlulwa.

Ukuthi uJohn Dobson, umqeqeshi okhaliphile kunoma iyiphi inkampani, ukuthi uwele kulolo gibe noma cha, akukho abengakwenza ngesikhathi ama-Bulls ethatha umdlalo ewubeka kwelinye izinga – wabe esedlula abadlali be-Stormers ehlonishwa kakhulu kulo mdlalo.

Ama-Stormers anqabe okungenani amaphenalthi amahlanu ukuze athole ifulegi lekhona. Cishe amaphuzu angu-15 abawayekile etafuleni ngethemba lokuthi bangakwazi ukuhlula amaBulls.

Kusho lukhulu ukuthi amaBulls ashaye ama-try amathathu kwamane emizuzwini engu-30 yokugcina. Mhlawumbe amaStormers ebengaphansi kwengcindezi ngenxa yefomi yezimbangi, mhlawumbe ebengakwazi ukulinganisa amandla.

UJohn Dobson uzohlala phezu kwetulo elihlakaniphile ukuze enze iqhinga lokuhlula iqembu eliphelele njengamaBulls.

AmaBulls 40-22 Stormers
Ama-try amaBulls: Johan Grobbelaar (2), uCanan Moodie, u-Embrose Papier

Ama-try amaStormers ashaywe uBen Loader, u-Evan Roos, u-Andre-Hugo Venter

➤ Ukungabi nalwazi. Lawa amanye amagama achaza indlela amaSharks adlale ngayo ngesikhathi ebhekene namaLions.

Kusukela ngomzuzu wesihlanu, ngesikhathi uSanele Nohamba enza ezibukwayo ehlula lonke iqembu lamaSharks ethola igoli ngaphansi kwamapali, umdlalo uvele waphela lapho.

Mhlawumbe isipiliyoni sokudlalisa uNohamba njenge-flyhalf manje sekuphelile njengoba edlale kahle njenge-scrumhalf kumaBhokobhoko. Kodwa-ke, akulungile ukubalula umdlali oyedwa kuphela njengoba bekuwumdlalo weqembu oseqophelweni eliphezulu.

Ngaphandle kokuthenga abadlali ababizayo, uNeil Powell noJohn Plumtree babonakala bengakwazi ukuqhamuka namasu okunqoba. Phakathi kwabo bobabili kumele bazibophezele ekubeni abadlali abasezingeni lika-Aphelele Fassi, uGrant Williams noBongi Mbonambi. Ngokudabukisayo, asikho isiqiniseko sokuthi u-Eben Etzebeth ukube ubedlala ubezoba nomthelela ongcono. Kuyacaca ukuthi inkinga ayikho kubadlali.

AmaLions 40-10 amaSharks
Ama-try amaLions: USanele Nohamba, uJC Pretorius, uQuan Horn, uConraad Van Vuuren, u-Erich Cronje, uHanru Sirgel

I-try yamaSharks: U-Eduan Keyter

Izihloko zakamuva