Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar
Imibuzo okumele iphendulwe kule mpelasonto kumele ibonakale ngeqiniso lokuthi amaBhokobhoko angompetha bomhlaba kanti i-Portugal iyiqembu elidlala esigabeni sesibili.
Lolu uhlobo lomdlalo lapho iqembu elihlezi phezulu kufanele lithole imiklomelo emikhulu, noma leli elinye iqembu lizohamba nezindondo.
I-Portugal ithole ithuba lokudlala namaBhokobhoko ngemuva kokudlala kahle kwayo eNdebeni yoMhlaba, okuhlanganisa nokunqoba okumangalisayo idlala ne-Fiji emidlalweni yama-pool. Ungacabangi ukuthi i-Os Lobos izohlulwa ngaphandle kokulwa!
Ithimba elikhethwe nguRassie Erasmus lihamba nemibuzo.
UBen-Jason Dixon noPhepsi Buthelezi banikezwe ithuba elihle ngendawo ye-flank, kanti uPieter-Steph ulimele futhi uKwagga Smith ubengekho ezingeni elingcomekayo lapho kade bebhekene ne-Ireland.
Kodwa kunzima kubadlali abasha. Kumele bazimisele ngokumangalisayo. Uma kungenjalo? Kwazi bani ukuthi kungenzekani?
Abagwedli bangaphambili; uJohan Grobbelaar, uJan-Hendrik Wessels kanye no-Andre-Hugo Venter nabo sebesondele kakhulu ekukhethweni ngokulimala kukaMalcolm Marx, iminyaka kaBongi Mbonabi kanye noJoseph Dweba ongasayona intandokazi. Kunzima ukucabanga ukuthi abafana abasha ngeke balunge, kodwa kufanele bahlakaniphe.
Uma besuka ebhentshini, uMorne van den Berg noQuan Horn kufanele badlonge. Lona umdlalo abadlali beGauteng Lions abathanda ukuwudlala.
USacha Feinberg-Mngomezulu ube nomdlalo othokozisayo, noma ubungaphelele bebhekene ne-Ireland. Phakathi kwakhe no-Aphelele Fassi, bangabadlali abaphilayo, abadla lubi. Kodwa yimuphi ozodlula omunye?
Ngasemuva uCobus Reinach noManie Libbok bangase balwele ithuba labo lokugcina izindawo eqenjini lamaBhokobhoko.
USalmaan Moerat (26) ubudala usezibonakalise engukaputeni ezingeni lesifundazwe, kodwa uzokwenza kanjani njengokaputeni wamaBhokobhoko? Sekuyisikhathi eside esiza, futhi kumfanele, kodwa kungcono athathe izintambo.
Kuzoba kuyena ukuqinisekisa ukuthi abadlali badlala njengeqembu futhi abahlanyiswa udumo lwabo. Ukuqondisa abadlali abafana noLukhanyo Am no-Andre Esterhuizen kudinga isineke.
Lo mdlalo uzoba ngoMgqibelo ngo-5 ntambama eFree State Stadium, eBloemfontein.
Isithombe esingenhla: AmaBhokobhoko eziqeqesha.
Umthombo: Springboks/X