Lungani Zungu
Ekuqaleni abantu bendawo base-Vryheid e-KZN babecabanga ukuthi kuyihlaya – kodwa ukumamatheka kusuliwe ebusweni babo njengoba amabhubesi alahlekile edla izinkomo nezimbuzi.
UThami Magwaza wasesigodini saseNgenetsheni uthe uthole inkomo yakhe isifile emasontweni amabili edlule.
“Ngangibona ngamanxeba ukuthi inkomo ihlaselwe yibhubesi,” esho.
“Kubuhlungu ukuthi inkomo yami idliwe ngamabhubesi kunokuba umndeni ukwazi ukuyithengisa.”
Uthe inkomo wayengayithengisa ngemali eyizi-R13,000.
Esinye isakhamuzi, uXolani Sibiya, wayenesiqiniseko sokuthi amabhubesi yiwona imbangela yokufa kwezinkomo nezimbuzi.
“Ngibone amabhubesi amabili uqobo lwami ewela umgwaqo engena ehlathini cishe emasontweni amabili edlule.”
Kuthe uma ebona lezi zilwane, wavele wabiza Ezemvelo Wildlife.
Izikhulu ze-Ezemvelo KZN Wildlife zifike zabatshela ukuthi bangawahlaseli amabhubesi ngoba lokhu kuzobeka impilo yabo engcupheni.
“Siphila ngokwesaba. Manje sihamba ngamaqembu uma sibuya emsebenzini,” kusho uSibiya.
Uthe abazi ukuthi amabhubesi avelaphi.
Inkosi yendawo uLanga Zulu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi imindeni eminingi ifikile ukuzobika ukuthi izilwane zabo zibulewe.
Okhulumela Ezemvelo KZN Wildlife, uMusa Mntambo uthe babambe amabhubhesi amabili futhi abawazi amanye kodwa abantu bendawo bayaphikelela ukuthi kunamabhubesi amaningi azulazula kule ndawo.
Isithombe: Wildlife Trip