Lubhalwe nguLucky Maree
Ngemuva kweminyaka engu-50 edlule namuhla uMuhammad Ali uwise uBob Foster izikhathi eziyisikhombisa ukuze afakazele ukuthi omdala uyohlale ehlula omncane futhi abalandeli bamaBhokobhoko kufanele baqaphele uma befuna ukunqoba e-Italy kuxwayisa uLucky Maree.
Isisho esithi, “omdala uyohlale eshaya omncane”, sivela esibhakeleni esikhokhelwayo, futhi saqala ngeminyaka yango-1950. Bekuvame ukufakazelwa eringini uma abashayisibhakela sebebhekene. Umphumela wawuvame ukubonakala ngegazi kulo omncane.
Ngomhlaka-21 kuLwezi ngonyaka ka-1972, eminyakeni engu-50 edlule namuhla uBob Foster owayengumpetha enkundleni ye-light heavyweight ubhekane no-“The Greatest” heavyweight, uMuhammad Ali. U-Ali uqumbe phansi uFoster izikhathi ezingaphansi kweziyisikhombisa ngaphambi kokuthi agcine ehluliwe ngomzuliswano wesishiyagalombili.
Enkundleni yebhola lombhoxo kuyingozi kakhulu ukusheshe ufinyelele esiphethweni ngokulahlekelwa ngamaphuzu angu-51 kwe-Italy ebibhekene namaBhokobhoko e-Genoa ngoMgqibelo. Kanti kubukeka sengathi abuyile amaBhokobhoko ngomndlandla wabo wakuqala.
Kuyakhombisa impela ukuthi abanye abadlali bangadlala umdlalo oseqopheleni eliphezulu uma bethola ithuba.
Imizamo kaKurt-Lee Arendse ayifinyelelanga kuma-run-ins. Kuzo zombili izimo ubenomsebenzi obekufanele awenze futhi wawenza kahle. Ngendlela adlale kahle ngayo ngisho nemizamo yakhe ibingenza abalandeli abahleli emakhaya abaphuza ubhiya bakhulume ngaye bathi le ngane iyayazi indlela eya kulayini wokuzama!” Ngalowo mzuzu usikhumbuza omunye umpetha uBryan Habana owathi wenze ngamandla akhe wonke ukuthi angavumeli ithuba lokushaya amagoli limdlule.
Kuke kwaba nesikhashana emdlalweni ngoMgqibelo ngesikhathi ukudlala kahle kuka-Arendse kuvivinywa.
Ubegijima ngasemgqeni we-hat-trick futhi ube noCobus Reinach kwesokunxele sakhe. U-Arendse ubenethuba elingcono elingu-50-50 lokuthola amaphuzu futhi u-Arendse ubezongena kulayini we-hat-trick egqoke ijezi lamaBhokobhoko okuyinto efanele, kodwa u-Arendse ongumdlali weqembu udlulisele lelo thuba kuReinach.
Ukumphasela ibhola uReinach kube impumelelo njengoba enze ezibukwayo kanti u-Arendse ube ngowokuqala ukufika kuye ezommanga embongela.
UWillie le Roux wake wadlala indima eyenza abalandeli bamkhumbule ngayo, kodwa muva nje akadlali ngendlela aziwa ngayo. Yebo uyazimisela ikakhulukazi iphasi yakhe ibe yinhle kakhulu futhi kumsizile nokuphasela umuntu obefanele nobekuyinto ejabulisayi ukuyibuka.
USiya Kolisi udlale lokho okubizwa ngomdlalo kakaputeni. Edlala kolayini be-tram ubebukeka eyazi into ayenzayo ngisho nokuphasa kwakhe ibhola bekukhombisa ukuzimisela kukakaputeni.
Ingabe labo kanye nabanye abadlali bazokwazi ukukhiqiza lolo hlobo lokudlala ngalo Mgqibelo ozayo okungenzaka kube omdala oshaya omncane? Kufanele silinde futhi sibone, kodwa kuKurt-Lee Arendse lolu suku uzohlale elikhumbula kuze kube phakade.