AmaBhokobhoko neqembu labadlali abasha

ULucky Sithole ubhekisisa iqembu labadlali abasha abanethalente abakhipha abadlali abadala kancane kancane.

Kube nento ekhethekile emdlalweni obuphakathi kwe-Stormers ne-Ulster ngoMgqibelo ngesikhathi kugxega i-scrum.

Ngesikhathi u-Evan Roos ephethe ibhola uvele walinika uDuane Vermeulen. UVermeulen uvele waya phansi nebhola kodwa uRoos waphusha wamsusa endleleni, washiya u-Ulster odlala inombolo yesishiyagalombili edindilize phansi.

Alikho ihlazo kulokho. Kunezimpi ezincane eziningi kwi-cauldron ye-scrum futhi kubakhona owinayo nohlulwayo.

Kodwa manje kubonakala kungokomfanekiso.

Umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, usememezele iqembu lakhe labadlali abangu-43 abazodlala emidlalweni emithathu bebhekene ne-Wales ngoNtulikazi. U-Evan Roos ufakiwe eqenjini kanti inkakha yodumo, uDuane Vermeulen, ongomunye wabadlali abahamba phambili bebhola lombhoxo eNingizimu Afrika akafakwanga eqenjini.

Eqinisweni, uVermeulen akenzanga okuningi kangako ukufakazela ukuthi kufanele abe kuleli qembu. Kodwa ungalenzi iphutha, lokhu akuletha eqenjini ngokuzethemba nokuzotha kuzokhumbuleka. Futhi uma uVermeulen eshiywa ngaphandle, kwenzeka kanjani ukuthi uWillie le Roux afakwe eqenjini?

Okunye okwenziwe okungamangazi ukuthi uMorné Steyn ukhishiwe eqenjini kodwa lokho kungase kulimaze amaBhokobhoko.

Kulaba abakhahlelayo abathathu, cishe uJohan Goosen nguyena othembeke kakhulu. Kodwa ngeke kube nguyena owokuqala noma owesibili ozokhethwa ukuthi adlale ngosuku lomdlalo. Nakuba uHandré Pollard engase angathembeki, u-Elton Jantjies, mase sikhuluma iqiniso, akuyena umuntu ofuna ukuba ngaphansi kwengcindezi. Umuntu uyazibuza ukuthi uChris Smith uzolithola nini ithuba lakhe, njengoba kulindeleke ukuthi alithole.

Emdlalweni wokuqala bazobe bebhekene ne-Wales mhla zimbili kuNtulikazi kanti uNienaber useshilo ukuthi ngeke bawabukele phansi ama-Dragons.

Iqiniso ukuthi, abukho ubufakazi obushoyo ukuthi i-Wales ingawina. Sekuyisikhathi esifanele sokuthi abaphathi bamaBhokobhoko bahlole izinhlanganisela ezithile – inqobo nje uma bengazibukeli phansi izimbangi zabo.

Kodwa ngoNcwaba, iNingizimu Afrika izobhekana ne-All Blacks, i-Australia kanye ne-Argentina, futhi lawo maqembu ngeke athathwe kancane.

Iqembu lamaBhokobhoko:

Abadlala phambili: uThomas du Toit, uSteven Kitshoff, uVincent Koch, uFrans Malherbe, uNtuthuko Mchunu*, u-Ox Nche, uTrevor Nyakane, uJoseph Dweba, uMalcolm Marx, uBongi Mbonambi, uLood de Jager, u-Eben Etzebeth, uSalmaan Moerat*, uRuan Nortje*, uMarvin Orie, uPieter-Steph du Toit, uMarcell Coetzee, uSiya Kolisi, uElrigh Louw*, u-Evan Roos*, uKwagga Smith, uJasper Wiese, uRynhardt Elstadt, uDeon Fourie*, uFranco Mostert

Abadlala emuva: uFaf de Klerk, uJaden Hendrikse, uHerschel Jantjies, uGrant Williams*, uJohan Goosen, u-Elton Jantjies, uHandre Pollard, uLukhanyo Am, uDamian de Allende, u-Andre Esterhuizen, uJesse Kriel, u-Aphelele Fassi, uWarrick Gelant, uCheslin Kolbe, uWillie le Roux , uMakazole Mapimpi, uKurt-Lee Arendse*, uDamian Willemse.

Umthombo wesithombe: @NewFrame

Izihloko zakamuva