Lubhalwe nguRazeen Gutta
Njengoba elakuleli lilungiselela ukuvikela isicoco sayo seNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo, ayaqina amahlebezi okuthi leli qembu lingase lingazibandakanyi kwi-Rugby Championship kusukela ngonyaka ka-2025.
Ngokusho komthombo wangaphakathi, i-South African Rugby Union ikhathazekile ngokukhathala kwabadlali futhi isicele i-Sanzaar okuyinhlangano eyengamele ibhola lombhoxo ukuthi iqhubekisele phambili lo mqhudelwano ukuze inikeze abadlali isikhathi sokuphumula esengeziwe phakathi kwemidlalo.
Nokho ngokubika kwe-Rapport, uma i-New Zealand, i-Argentina ne-Australia bengasamukeli isiphakamiso sakuleli amaBhokobhoko angase akhethe ukuhoxa kulo mqhudelwano.
“Kulezi zinsuku abadlali bebhola lombhoxo bakuleli badlale kusukela ngoMasingane kuya kuZibandlela. Akumele ngabe bagqilazeka ngalendlela,” kusho umphathi omkhulu welombhoxo etshela i-Rapport.
“I-SA ifuna ukuthi i-Rugby Championship ibe ngesikhathi esifanayo nemidlalo ye-Six Nations, hhayi ngemuva kwayo. Yile ndlela kuphela abadlali bakuleli abazokwazi ngayo ukuphumula ngokwanele.”
Imidlalo ye-Six Nations idlalwa enyangeni kaNhlolanja nangoNdasa minyaka yonke, futhi abaningi bakholelwa ukuthi ukuqondana kwayo ne-Rugby Championship ukuphela kwesixazululo senhlalakahle yabadlali.
Isithombe esingenhla: Iqembu lamaBhokobhoko lango-2019
Umthombo wesithombe: @mpexndlazi