AmaBhokobhoko ayazibuza ayaziphendula ukuthi ngabe kufanele yini bangenele umqhudelwano we-Northern Hemisphere’s Six Nations?

Dylan Bettencourt

Ukulungiswa okukhulu kwekhalenda lebhola lombhoxo lwangonyaka ka-2025 kwenza amaBhokobhoko azibuze ukuthi kumele yini ajoyine umqhudelwano we-Northern Hemisphere’s Six Nations.

Iqembu laseNingizimu Afrika lebhola lombhoxo njengamanje liqhudelana kwi-Rugby Championship, umqhudelwano ophakathi kwe-New Zealand, i-Australia, i-Argentina kanye namaBhokobhoko.

AmaBhokobhoko anezicoco ezilinganayo nama-All Blacks kwi-Rugby Championship, kanti la maqembu womabili asanqobe kathathu. Kodwa amaBhokobhoko abelokhu elahlekelwa imali kwi-southern hemisphere Tournament.

Umqhudelwano waminyaka yonke we-Six Nations uphakathi kwe-England, i-France, i-Ireland, i-Italy, i-Scotland ne-Wales. Nokho kunemibuzo mayelana nokubamba iqhaza kwe-Italy. Yagcina ukunqoba umdlalo ngonyaka ka-2015 kanti sebehlulwe imidlalo engu-32 ilandelana.

UBrendan Morris, oyisikhulu esiphezulu se-Sanzaar okuyinhlangano eyengamele i-Rugby Championship, uthe ukudlulela kwi-Six Nations kungase kugqugquzelwe ukubheka imali.

Uthe iminyaka emithathu edlule kube iminyaka yezinkinga zezimali kunayo yonke eyake yabakhona.

“Wonke umuntu kufanele ahlole ukuthi imuphi umqhudelwano okufanele ahlanganyele kuyo nokuthi imuphi onikeza ithuba elingcono kakhulu lomphumela wezohwebo,” kusho uBrendan. 

Isiphakamiso samaBhokobhoko sokuya kwi-Six Nations siza njengoba umqondo we-World Rugby wokusingatha umqhudelwano wamazwe ngamazwe uzuza amandla.

Lo mqhudelwano ubuzokwenzeka eminyakeni lapho ingekho iNdebe Yomhlaba noma uhambo lwama-British & Irish Lions. Lo mqhudelwano ubuzoba namaqembu ezizwe eziyisithupha, amaqembu amane e-Sanzaar namanye amabili, njenge-Japan ne-Fiji, azobhekana.

“Uma singasebenza ndawonye emqhudelwaneni okhiqiza ompetha bomhlaba njalo ngemuva kweminyaka emibili kungahlanganisa abalandeli bethu kakhulu kunalo okuyikho manje,” uMorris etshela i-Sydney Morning Herald.

Izicelo zomqhudelwano obanjwa minyaka yonke zenqatshwa ngonyaka ka-2019 ngenxa yovalo lokuthi ifomethi yomqhudelwano yokukhangisa angeke isebenze.

Inhlalakahle yabadlali iyinkinga emqoka uma abadlali besengozini enkulu yempilo uma bedlala ibhola lombhoxo kakhulu kunalokhu abasuke bekujwayele.

Umthombo wesithombe: @SARugbyMagazine

Izihloko zakamuva