AmaBhokobhoko awakhombisanga ukuzimisela ebhekene ne-Wales ,

Lucky Maree

UWarrick Gelant nabanye abadlali bamaBhokobhoko abaningi bathi abazange babe nomdlalo omuhle ngesikhathi bebhekene ne-Wales e-Bloemfontein njengoba bethi isibalo sabantu abashintshiwe esiwombeni sesibili siqinise uWayne Pivac ukuthi ashaye igoli.

Uthe i-Wales ibidlala ngokuzimisela ngoba ibazi ukuthi ukunqoba kwamaBhokobhoko kuzobe kusho ukuthini kuwona.

“Impela ukunqoba bekusho olukhulu kithi njengeqembu,” kusho lo mdlali.

Umbuzo obhekiswe kuGelant ukuthi ukube ubekwazi lokho uyekeleni ukudlala?

UGelant kumele abone ukuthi ukukhuluma kwakhe kuzomfaka enkingeni. 

“Kwesinye isikhathi ucabanga ukuthi nguwe olawulayo ngekota yokugcina okungakwenza ukuthi wehlise izinga lokudlala.”

Bese kusele imizuzu engu-20 ukuthi umdlalo uphele ngoMgqibelo, amaBhokobhoko abehamba phambili ngo-12-3. Ukuhola ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emdlalweni onzima kangaka kukhulu kakhulu. Kodwa bekungelona iqhinga lokuthi amaBhokobhoko ayeke ukudlala njengokusho kukaGelant.

Ukuthola umfutho uma usuphelile cishe kunzima kunoma  umdlalo, kodwa ebholeni lombhoxo yilapho kunzima kakhulu.

Imizuzu embalwa yokugcina yomdlalo isahlezi emicabangweni yethu futhi kusekusha isazothatha isikhathi ukuthi isuke.

Nangesikhathi uGareth Anscombe eshaya iphenalthi okwenze i-Wales iphumelele ngephuzu elilodwa amaBhokobhoko awazange afake umfutho.

I-Wales ishaye i-try enhle kakhulu ishawa nguJosh Adams okushiya i-Wales ilandela ngephuzu elilodwa. U-Anscombe epholile ngendlela ajwayele ngayo  ukhahlele ibhola ngendlela enhle okunikeze i-Wales ukunqoba kwephuzu elilodwa kwashiya amaBhokobhoko emangele.

Kumele udlale ngokuzimisela ukuze uthole amaphuzu, kodwa amaBhokobhoko awakhombisanga ukuzimisela. Ingabe umuntu oyedwa angathweswa icala ngalokho? Umuntu okufanele ashaye into ecokeme ngukaputeni.

Kuyiqiniso elibuhlungu ukuthi kubadlali abaningi abangenzanga kahle kungenzeka ukuthi uHandré Polla akenzanga kahle. 

Njenge-flyhalf akenzanga lutho ukubeka iqembu lakhe phambili akazange akhe amathuba azosiza amaBhokobhoko ukuthi anqobe lo mdlalo.

Uzamile amahlandla ambalwa, kodwa bekungalungi uphinde wehluleka ukufaka igoli ebelibaluleke ngempela ebelizokwenza umehluko omkhulu emdlalweni.

Yize amaBhokobhoko abebonakala esezingeni eliphezulu lokuwina lo mdlalo, kodwa akenzanga lutho ukunikeza abadlali bakhe umfutho.

Kungalangazelele muntu i-Wales ivele yanyusa amaphuzu yashiya igebe elikhulu kakhulu.

Ibhola lombhoxo umdlalo wenhlanganisela. Babili abadlali emuva, phakathi nendawo babili futhi, abasemuva basuke bebathathu kanti kukhona abasemaceleni nabo badlala ndawonye.

NgoMgqibelo izinkinga bekulula kakhulu zibonakale. Kule mpelasonto ezayo sithola ukuthi iziphi izimpendulo nezinguquko uJacques Nienaber azoqhamuka nazo.

Umthombo wesithombe: @Springboks

Izihloko zakamuva