AmaBhokobhoko aseyilungele indebe yomhlaba 

Kusengenzeka noma yini kodwa amaBhokobhoko angelinye lamaqembu ambalwa azilungiselela kahle ukuyaeNdebeni yoMhlaba, kusho uLucky Maree.

Kuze kube manje ukulungiselela iNdebe yoMhlaba yeBhola loMbhoxo ezoba ngoMandulo kube nesivunguvungu.

Ambalwa kakhulu amazwe asezingeni eliphezulu angenazo izinxushunxushu futhi ambalwa kakhulu kuwo angasho ukuthi awanayo impikiswano.

Ngisho ne-France, ebilokhu izikhukhumeza futhi ibukeka ikhululekilre endaweni yokudlala ibhola lombhoxo kudingeke ukuthi ibe nempikiswano.

UMengameli we-French Rugby Federation uBernard Laporte ubanjiwe, hhayi ethatha ngozwane kodwa utholwe enecala lokushintshanisa ihembe lenkontileka yokuxhasa iqembu lesizwe kuMohed Altrad ongusozigidigidi ongumnikazi we-Montpellier. Isigwebo sikaLaporte esimisiwe singasiza i-French Federation ukuthi ithole ukuthobeka okuncane.

Ukuba isihloko sezindaba zebhola lombhoxo bekuyinto engaqhelile kude no-Eddie Jones. Ukulaxazwa kukaJones iNgilandi akuzange kube isimanga. Abaningi bathi okwashayela isipikili sokugcina ezinkingeni zakhe kwaba ukuhlulwa kweNgilandi ibhekene namaBhokobhoko e-Twickenham. Yize abanye abalandeli bamaBhokobhoko beziqhenya ngokumsiza ukuthi axoshwe, ukuxoshwa kwakhe kwadala ukungezwani kusukela e-Australia – nelakuleli.

Owayengumqeqeshi we-scrum waseNgilandi owazalelwa kuleli uMat Proudfoot uzithola ese-Maties e-Stellenbosch. Lokho kuyisinyathelo sokuya phansi futhi kukude ukusuka eNgilandi kodwa kuseduze kakhulu nasekhaya.

Ekhuluma nephephandaba laseNgilandi i-Daily Mail, uProudfoot wamukele icala ngokwehluleka kweNgilandi ngesikhathi ibhekene namaBhokobhoko, kodwa ubuye wavuma ukuthi ukuxoshwa kukaJones kwamphatha kabi kangangokuthi wachitha izinsuku ezintathu esibhedlela elashelwa ingcindezi.

USteve Borthwick usethathe izintambo njengomqeqeshi weNgilandi futhi abalandeli njengoba baziwa bafuna ukuthi iNdebe ye-Webb Ellis ibe kwikhabhinethi yabo yezindebe ngoMfumfu. UBorthwick owenza umsebenzi omuhle kwi-Leicester Tigers nguye ofanelwe yilo msebenzi, kodwa angakwazi yini ukwenza izimanga? “Cha!” kusho umhlaba wonke webhola lombhoxo.

Ingabe abaphathi bebhola lombhoxo base-Australia baxosha uDave Rennie ngoba u-Eddie Jones wayehamba efuna umsebenzi? Mhlawumbe wakwenza kwaba lula kubo. Ingabe uJones angaguqula i-Australia ibe iqembu elizowina  indebe ezinyangeni ezimbalwa ezizayo? “Cha!” kusho  abebhola lombhoxo emhlabeni futhi.

Ngabe ukhona okhumbulayo ukuthi uWayne Pivac wakhishwa njengomqeqeshi wase-Wales kwafakwa uWarren Gatland esikhundleni sakhe? Ingabe kubalulekile lokho? Iqiniso ukuthi i-Wales ayilona iqembu elingase liwine indebe, kodwa uGatland engumqeqeshi leli qembu lingenza kangcono kakhulu.

Ama-All Blacks ahlezi egaqele iNdebe yoMhlaba. Kodwa iziphathimandla zase-New Zealand azibanga naso isibindi sokuxosha u-Ian Foster nyakenye ngesikhathi kufanele. UScott Robertson akazange akufihle ukuthi uyawufuna lo msebenzi. URazor uyindoda efika emidlalweni yebhola lombhoxo izowina hhayi nje ukuzodlala umdlalo omuhle. Ubezowabeka kwelinye izinga ama-All Blacks.

Emaqenjini aphezulu i-Ireland ibukeka iyizwe elingawina indebe njengoba u-Andy Farrell ehamba phambili. Akukho siphithiphithi lapho!

Ngakho, obani esibashiye ngaphandle? kungaba, amaBhokobhoko njengenjwayelo!

URassie Erasmus no-acques Nienaber bangasho ukuthi “banokuthula bokuzethemba” kulesi sigaba somqhudelwano. URassie ukhona kodwa akabonwa emidlalweni. Ingabe lokhu kusho ukuthi ugxile kwindebe?

Nakanjani  kumasinyane ukwenza noma iziphi izibikezelo, kodwa ngempela elakuleli libukeka lisefomini enhle, akunjalo? “Ya!” kumemeza abalandeli bamaBhokobhoko.

Esithombeni esingenhla: Ngabe amaBhokobhoko asefomini enhle yokuwina indebe?

Umthombo wesithombe: SA Rugby

Izihloko zakamuva