AmaBhokobhoko akulindele ngabomvu ukubhekana neScotland

Lubhalwe nguLucky Maree

Kusukela manje kuze kube umhlaka-10 kuMandulo, yonke imidlalo yamaBhokobhoko ngeyokuzilungiselela.

Ngalolo suku iNingizimu Afrika izobhekana ne-Scotland emdlalweni wabo we-pool eNdebeni yoMhlaba yebhola lombhoxo, futhi kuyoba usuku esithola ngalo ukuthi i-Scotland inesibindi kangakanani.

Kumele ngabe kubathokozise kakhulu abalandeli nabadlali be-Scotland ukubona amaBhokobhoko ethithiza, enethemba lokuthola ibhola ngoMgqibelo ngesikhathi ebhekene nama-All Blacks.

Umqeqeshi we-Scotland, uGregor Townsend uzobe ehlezi endaweni yokucima ukoma ezibuza ukuthi amaBhokobhoko anganqotshwa kanjani kulowo mzuzu egcwele ukumamatheka ebusweni bakhe.

Kungani umdlalo we-Scotland ubaluleke ukwedlula ngisho umdlalo wokuzivivinya nama-All Blacks?

Ku-Pool B eNdebeni Yomhlaba kuchazwa njengesigaba esinzima. (Nakanjani kumele kube nesigaba esinzima eNdebeni yoMhlaba) Akukhona nje kuphela ukuthi isigaba sinzima kodwa futhi siyaqondakala.

Ku-Pool B kunamaqembu amahlanu. INingizimu Afrika, i-Ireland, i-Scotland, i-Tonga ne-Romania. Kwi-Tonga nakwi-Romania akusisona isigaba esinzima kodwa kufana nokuzibulala uphila. Uma ngikhuluma iqiniso, abanalo ithuba lokudlulela ngale kwezigaba ezinzima.

Elinye lamaqembu amathathu ngeke lidlulele kuma-quarter-final. Lokhu kusho ukuthi phakathi kwamanje neNdebe yoMhlaba kumele iNingizimu Afrika igxile kulo mdlalo wokuqala. Uma behlula i-Scotland, umsebenzi wabo uma sebebheken ne-Ireland namanye amaqembu uzoba lula kakhulu.

Bazothuthuka bakhuphekele endaweni yokuqala uma behlula i-Ireland (nakhona uma beyihlula), kodwa makungenzeka okungalindelekile okungenani baphume endaweni yesibili.

INingizimu Afrika ilindele ngethemba imidlalo yochungechunge engcono phakathi kwamanje kanye nokubhekana ne-Scotland ezinsukwini ezingu-52 ezizayo. Ukudlala ne-Argentina (kabili), i-Wales ne-New Zealand kube ukuqeqeshwa okungcono kakhulu esake saba nakho.

Ukuhambela yonke le midlalo kuyakhathaza. Ukuya eGoli, e-Buenos e-Aires, e-Cardiff kanye nase-London kuwuhlelo olubonakala sengathi elokujeziswa.

Kodwa kuyinto abaphathi baseNingizimu Afrika okungafanele bawele kuyo.

Ukuhambela amazwe aphesheya kuyingxenye ye-Rugby Championship, kodwa akuyona ingxenye yeNdebe Yomhlaba.

Kuwuphawu oluhle kakhulu ukuthi uRassie nomsizi wakhe baligcinile iqembu elashywa i-All Blacks.

“Kulungile uma ulimale amehlo omabili. Kumele uzithintithe ugeze ubuso bakho, ulungise amakhala bese ubuyela ekwenzeni umsebenzi wakho,” kubonakala kuyisimo sengqondo seqembu

Njengoba uthisha womculo asho kukaputeni weqembu lebhola lombhoxo ukuthi: “Uzoqhubeka nokuwenza umsebenzi uze uwenze ngendlela efanele!”

Siyethemba ukuthi sizolibona iqembu njengoba lilungele imidlalo ngokudedela i-flyhalf yenze umsebenzi wayo lize lidudulane ne-Scotland e-Stade Vélodrome e-Marseille, e-France ngo-5.45 ntambama ngomhlaka-10 kuMandulo.

Esithombeni esingenhla: Iqembu le-Scotland

Izihloko zakamuva