Amabhizinisi amaningi aseshayele ihlombe imizamo kaRamaphosa

By Zukile Majova
Political Editor

Amabhizinisi amaningi kuleli ashayele ihlombe ithimba likaMengameli Cyril Ramaphosa lokuyozama ukwakha ukuthula phakathi kwe-Ukraine ne-Russia njengoba bebika nokuthi le mpi isilimaza umnotho wase-Afrika.

Ummeli uMtho Xulu, onguMengameli we-South African Chamber of Commerce and Industry ugxeke i-DA nabanye abagxeka i-African Peace Initiative wathi abaholi base-Afrika bese bengakwazi ukulinda ukuthi amazwe asethuthukile asize i-Afrika kwezombusazwe emhlabeni.

“Sichitha imali eningi sakha ubumbano emazweni amaningi emhlabeni jikelele futhi sikhokha imali eningi ukuze siqinisekise ukuthi sigcina uMnyango onjenge-Dirco kanye nesizinda sethu samanxusa omhlaba.

“Okusho ukuthi umsebenzi ofana nalona kuwukumosha isikhathi kukhombisa ukungaqondi ukuyhi ukuba namanxusa kusebenza kanjani nokuthi ungaba kanjani ingxenye yomphakathi womhlaba jikelele,” kusho uXulu.

Uthe osomabhizinisi bebexoxisana namanxusa ase-Ukraine nase-Russia mayelana nokuvulwa kwemizila yokuhwebelana.

“Inkinga enkulu ukulethwa kukakolweni nomanyolo okungaba nomthelela omubi ngoba ukushoda kokudla kuzothinta zonke izakhamuzi zakuleli.

“Ngakho-ke, noma yikuphi ukwenyuswa kokudla kuzoba nomthelela omubi ngoba kubeka ingcindezi emalini esuke ikhona, ngokubuka kwabasebenzi kuzomele kunyuke umholo ngoba nezindleko zizobe zinyukile kunoma yini ekhiqizwa ezweni,” etshela i-Newzroom Afrika.

URamaphosa uthe isimo sase-Afrika singase sibe sibi kakhulu ezinyangeni ezimbalwa ezizayo ngenxa yokunyuka kwentengo yokudla, ukubiza kukaphethiloli kanye nokolweni.

Ngokusho kwe-African Development Bank, ukungazwani kwalamazwe “kubangele ukushoda kwamathani kakolweni angaba ngu-30 million ezweni lase-Afrika kanye nokwenyuka okukhulu kwezindleko.”

Irandi nalo alizange lishintshe, lihweba ngo-R19.52 kwidola ngoMsombuluko kanti lokhu kungcono njengoba belisuka ku-R19.90 ngesonto eledlule.

Umbango we-Russia ne-Ukraine uzophinde ubonakale engqungqutheleni ye-Russia Africa Summit, ezoba e-Russia ngoNtulikazi kanye nomhlangano wamazwe e-Brics kuleli ngasekupheleni konyaka.

Isithombe esingenhla: UMengameli uCyril Ramaphosa oqhuba uhlelo lokuzama ukuthula phakathi kwe-Russia ne-Ukraine

Izihloko zakamuva