Amabhinca akhala ngokuthethiselwa umsindo ebhanoyini kodwa akwangashiwo lutho ngowabadlali bebhola lombhoxo 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Amabhinca ayaveva ngokuthethiselwa ukukhuleka eSilweni uShaka kaSenzangakhona ebhanoyini ekubeni abadlali bebhola lombhoxo abebegibele nabo ngayizolo bebanga umsindo becula endizeni ebisuka eThekwini kujatshulwa.

Lokhu kulandela isigameko sangoMgqibelo lapho uNgizwe Mchunu nezinsizwa zamabhinca, iningi lazo elihlala emahostela aseThekwini, kuthe uma indiza abebehamba ngayo isihlala phansi esikhumulweni iKing Shaka Airport basukuma bakhuza iziqubulo bekhuleka kwiLembe.

Lokhu kucasule abasebenzi basebhanoyini nokuthiwa kwenze ukuthi umshayeli walo avalele abagibeli isikhathi esiyihora ngoba eselinde ukuba kufike amaphoyisa ukuthi azokhipha uNgizwe nezinsizwa abehamba nazo.

Lokhu kudale intukuthelo kwezinye izinsizwa zikhala ngokuthi yini embi eseziyenzile ngoba bezikhulekela ukufika esigodlweni seLembe okuyiKing Shaka International Airport. 

Umsakazi womculo kaMaskandi weNongoma FM uMnuz Welcome Ntombela uthe sekuyacaca ukuthi kusenzima ukuba ezinye izinhlaka zokuthutha zamukeleke injabulo yabamnyama ngoba uma kungabamhlophe kushawa ihlombe.

Amabhinca abebuya emcimbini wokuhlanganisa izizwe ezahlukene wabafundi base-Cape Penensula University, eKapa obungoMgqibelo emini.

“Kuthe ngoLwesihlanu sisuka eThekwini sibheke eKapa, kwanabadlali bebhola lombhoxo abebegcwele endizeni. Bebebanga umsindo becula ngesiBhunu nangesiNgisi, bebanga omkhulu umsindo lona. Bebejatshulelwa, akekho noyedwa okhalazile ngabo kuze kwayofikwa eKapa umsindo wabo uqhuma phezulu. 

“Kodwa sekuthi ngoba kuyithi bebala eliMnyama, sesibizelwa amaphoyisa kuyabatshazwa kuthiwa ihlazo leli esilenzile. Okuxakayo abakwethu bebezithulele kusuka eKapa kodwa kuthe nje uma indiza isihlala eKing Shaka basukuma bakhuleka eSilweni uShaka kodwa sebeyathukwa,” kukhalaza uNtombela.

UMengameli wamaBhinca uMnuz Ngizwe Mchunu uthe ibuhlungu le nto yokuthi abadlali boMbhoxo babukiwe nje bezihluphela, bebanga umsindo abangabizelwa namaphoyisa kodwa bekushawa ihlombe.

“Sekuthi uma sekuyithi sesithukwa sibizwa ngamagama. Ngisho abakithi abamnyama bebesibiza ngamaqaba ezinkundleni zokuxhumana kodwa okusimangazayo abashongo lutho ngabafana bebhola loMbhoxo abasibangele umsindo ebhanoyini sisuka eThekwini ekuseni saze sayofika eKapa ngoLwesihlanu,” kusho uNgizwe.

Uqhube wathi yize umshayeli webhanoyi ebefuna baboshwe kodwa amaphoyisa afike abona ukuthi ayikho le nto abafuna baboshelwe yona. Kunalokho abaphelezele besuka ebhanoyini ayobabeka ezindaweni zokugibela izimoto.

UMchunu uthe uma bengafuni bakhuleke eKing Shaka, abavele bawususe umfanekiso weLembe, bawushaye phansi ngogandaganda kucace ukuthi akusisona isigodlo sakhe lesiya ngoba bona basazokhuleka ngokumhlonipha.

UMchunu uke watholana phezulu nabenkampani yesikhumulo seziNdiza kuleli enkantolo ngo-2012 bebanga ukuthi wangena ebhanoyini egqoke umqhele.

Izihloko zakamuva