Amabhakabhaka adlangile

Timmy T Maranda

I-Orlando Pirates ishayele  abayishumi e-Kaizer Chiefs ngamagoli amahlanu eqandeni sekuhlanganiswe imilebe yomkhumulajezi kwi-semi final ye-MTN 8 kulandela ukunqoba ngamagoli amabili eqandeni emlenzeni wesibili ngeSonto ntambama enkundleni yezemidlalo i-FNB.

Amagoli asuka kuFortune Makaringe noLinda Mntambo abenele ukubona amaBhakabhaka edlala emdlalweni wamanqamu we-MTN 8 ngokuthokoza.

Bazobhekana ne-Bloemfontein Celtic mhla ziyi-12 kuZibandlela.

AmaBhakabhaka ahlule Amakhosi ngamagoli amathathu eqandeni emlenzeni wokuqala womqhudelwano wezindebe ze-MTN 8 enkundleni yezemidlalo i-Orlando emasontweni amabili edlule.

Isiwombe sokuqala siqale kancane njengoba womabili amaqembu eye ekhefini engenalo igoli. Nokho, i-Orlando Pirates yabuya yadubula ngesiwombe sesibili.

Emizuzwini engama-59, amaBhakabhaka aqhubeka nokuphenya futhi baklonyeliswa ngokufanele ngegoli likaFortune Makaringe ngemuva kokuthi uDaniel Akpeyi ehlulekile ukubamba ibhola likaDon Hotto ebelihamba phansi.

ULinda Mntambo ongene endaweni omunye umdlali kade esuka ebhentshi ushaye igoli lokugcina ngomzuzu wama-80 ngemuva kokufakwa yindoda edlale kakhulu kulo mdlalo uDeon Hotto okwenza bawine ngamagoli amabili eqandeni.

UMntambo ubengaqeda lo mdlalo ngamagoli amathathu eqandeni , kodwa umdlali wasesiswini ukhethe indawo yakhe futhi ibhola lageja okuqondiwe yimpempe uAkpeyi eshaywe kahle.

“Siphinde senza umdlalo omuhle kakhulu namuhla futhi ngijabule ngokunqoba,” kusho umqeqeshi we-Pirates uJosef Zinnbauer.

Umqeqeshi we-Chiefs uGavin Hunt uvumile ukuthi lo mphumela ubukhombisa ngempela ukuthi umdlalo uyini.

“Kuyinto esidinga ukuyishaya phansi, sisebenze kanzima ukuyilungisa,” uyasho.

AmaKhosi asezabalazweni kusamele athole amaphuzu emidlalweni emibili ilandelana emiqhudelwaneni yezindebe naku-Premier League.

Amagoli anamahloni Amakhosi kuphela kule sizini aqhamuke nomdlali wasemuva uYagan Sasman kwi-quarter-final ye-MTN 8 bedlala ne-Maritzburg United begoli azikore yena bebhekene ne-Chippa United.

AmaBhakabhaka azobhekana ne-Bloemfontein Celtic kowamanqamu we-MTN 8 enkundleni esazothathelwa isinqumo.

ISiwelele sizibekisele indawo kowamanqamu ngemuva kokwehlula i-SuperSport United ngoMgqibelo.