
Razeen Gutta
UNgqongqoshe Wezemidlalo wase-France u-Amélie Oudéa-Castéra usole abalandeli be-Liverpool ngezinkinga zokungena ezinkundleni kowamanqamu we-Uefa Champions League e-Stade de France e-Paris ngoMgqibelo.
Ezokuphepha kulo mcimbi zigxekwe kakhulu izintatheli nabalandeli njengoba iningi labo lithole i-pepper spray nesisi esikhalisa unyembezi ebesisetshenziswa amaphoyisa ase-France.
Imicimbi engaphandle kwenkundla iholele ekutheni umdlalo we-Liverpool ne-Real Madrid ubambezeleke ngemizuzu engu-37 njengoba iningi labalandeli belingekho ngesikhathi sokuqala komdlalo ngehora lesishiyagalolunye.
Ephendula ngalomdlalo uNgqongqoshe wase-France ubize igama le-Liverpool Football Club.
“Okwenzekile okokuqala bekuwumbuthano omkhulu wabalandeli base-Britain beqembu le-Liverpool abanye bengawaphethe amathikithi abanye bephethe awomgunyathi.
“Iqiniso ukuthi iqembu le-Real Madrid belibagadile abalandeli abebefika e-Paris futhi bahluke kakhulu kulokho okwenziwe iqembu le-Liverpool elidedele abalandeli bayo baziphathisa okwezilwane zasendle,” kusho u-Oudéa-Castéra etshela i-RTL.
I-Liverpool Football Club ikhiphe isitatimende kusizindalwazi icela ukuthi kwenziwe uphenyo olusemthethweni kanti nabaholi bamaqembu nabalandeli baphoxekile ngamazwi kaNgqongqoshe wase-France.
“Kunenkinga yokuthi iziphathimandla zase-France zihlele kanjani umdlalo, kodwa manje sekugxekwa abalandeli be-Liverpool. Bafuna ukugwema ukuthatha umthwalo ngokwenzekile,” kusho uRonan Evain umqondisi omkhulu omele abalandeli bebhola e-Europe.
“Bayenqaba ukuvuma ukuthi abalandeli be-Liverpool bayizisulu lapha. Bajikijele isisi esikhalisa unyembezi kubantu abadala nezingane kumele baxolise.”
Unkosikazi womdlali wasesiswini we-Liverpool uThiago Alcantara uJulia Vigas naye ukhulume ngesipiliyoni sakhe esinzima ezama ukuphuma nokuzivikela”.
“Umdlalo wamanqamu wayizolo ubuyiphupho elibi futhi lokhu akuphathelene nebhola kungaphezulu kwalokhu esikucabangayo. Ngenxa yokuntuleka kokuhleleka nokuphepha kube nezikhathi eziningi ezesabekayo,” kubhala uVigas ku-Instagram.
“Isisi esikhalisa unyembezi sijikijelwe ngamaphoyisa emindenini nakubalandeli abanye babo bashaywa. Bonke bangabantu abebezojabulela ukubuka ibhola ngenxa yezinkinga kudingeke ukuthi siphume siphelezelwa enkundleni ukuze siphephe.
UNgqongqoshe wase-France uzohlangana ne-Uefa kanye neziphathimandla zendawo ngokuhamba kwesikhathi ukuze babuyekeze izehlakalo ezenzeke kulo mdlalo.”
Umthombo wesithombe: @BBC