Amabandla ase-Ukraine ahlehlise usuku lokugubha uKhisimusi

IBandla lase-Ukraine i-Orthodox linxuse amabandla alo ukuthi abungaze uKhisimusi ngomhlaka-25 kuZibandlela ukuze ahambisane neNtshonalanga – futhi okubaluleke kakhulu ukucasula abantu base-Russia.

Leli bandla likuqinisekisile ukuthi umhlangano walo uvotele ukugubha uSuku lukaKhisimusi ekuqaleni kwalo nyaka.

Iningi lamabandla e-Orthodox emhlabeni wonke, kuhlanganisa ne-Russia agubha uKhisimusi mhla ziyisikhombisa kuMasingana.

Isinqumo sebandla sokucasula i-Russia sizothinta amabandla angu-7,000 ahlukene kulo lonke elase-Ukraine, kubika i-The Guardian.

Ngenxa yokuzibandakanya kwe-Ukraine kwi-Soviet Union ngaphambi kokuwa kwayo ngo-1991, kuye kwagcinwa amasiko amaningana okuhlanganisa nokuthi uKhisimusi ugujwa nini.

Selokhu i-Russia ihlasele i-Ukraine ngoNhlolanja, leliyazwe liye laqhela emikhubeni ethile lamukela izinqubo ezimbalwa zasentshonalanga.

Ibandla lithi lesi sinqumo senziwe ngoMfumfu kodwa bekungakabikwa kabanzi kuze kube manje. Isinqumo siphinde senziwa ngemuva “kokucabangela izicelo eziningi.”

Umbhishobhi omkhulu uYevstratiy Zoria okhulumela ibandla, uthe amalungu amaningi ebandla afuna ukugubha uKhisimusi ngaphambi kosuku lokuhlasela.

Kodwa-ke, ukuqaphelile ukuthi isibalo sabantu abafuna kugudluzwe usuku sinyukile kulandela ukuhlasela ngasekuqaleni kwalo nyaka.

Ukuhlehlisa usuku abantu abagubha ngalo uKhisimusi kungase kubonakale kungasho lutho, kodwa kuhlanganisa nohlu lwezinyathelo ezenziwa i-Ukraine ukuze ihambisane neNtshonalanga.

Ukuqala umfelandawonye yikho okwaqala impi ngesikhathi i-Ukraine ifaka isicelo sokujoyina i-European Union kanye ne-NATO kanye nokudiliza izikhumbuzo ezimbalwa zenkathi ye-Soviet ezweni lonke.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Umthombo wesithombe: @icds.ee

Izihloko zakamuva