Ama-Wales awaneme neze ngamaBhokobhoko

Lucky Maree

Omunye wabadlali ohamba phambili owake waba i-scrum-half uGareth Edwards usejoyine iningi labalandeli base-Wales  abakholelwa ukuthi elakuleli aliyihloniphi i-Wales.

Umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber wenze izinguquko ezingu-14 eqenjini lakhe eligijima ku-Test yesibili e-Bloemfontein.

U-Edward owesilisa odume ngokukhuluma ngaphandle kwenkundla uthe “Angicabangi ukuthi bakhombisa inhlonipho kuma-Wales futhi ngokubheka kwami izinto iyodwa kuphela indlela ama-Wales angalungisa ngayo lento, ukuthi babahlule.”

Uvumile ukuthi elakuleli linalo lonke ilungelo lokulungiselela iNdebe yoMhlaba.

“Kodwa ngingathanda ngempela ukwazi ukuthi yini inhloso yabo njengoba beguqule izinto eziningi kangaka,” kusho u-Edward.

“Ngeke ngiphakamise umzuzu owodwa ukuthi ngazi konke okulungile nokungalungile ngomdlalo wamanje, kodwa ngiyazi ukuthi lo umdlalo kudingeka ukuthi uzinikele ngokomzimba kuphindwe kwenziwe nezinguquko.”

Uthe ukukhethwa kwamaqembu akuleli ngokwezinga elithile, kuwubukela phansi umdlalo.

“Kuningi okusengcupheni, kodwa angicabangi ukuthi sekukubi kangako futhi akulona iphutha lama-Wales.”

Ukuphawula kuka-Edward ngesikhathi ekhuluma ne-Planet Rugby akuzange kubonakale kunolaka futhi umqeqeshi wamaBhokobhoko uJacques Nienaber uphendule ngendlela efanayo ngesikhathi ebuzwa ukuthi kwamukelekile yini ukubiza iqembu njengeqembu B.

“Angicabangi ukuthi lokho kungangicasula,” kusho umqeqeshi kwi-Rugby365.

“Kodwa-ke ngicabanga ukuthi u-Eben Etzebeth no-Handré Pollard bazocasuka kanjalo nabanye abadlali.”

Wengeze ngokuthi bakhethe lolu hlangothi ngoba becabanga ukuthi bangayishaya i-Wales futhi lokho kuwumqondo omuhle.

Njengonyaka ka-2019 amaBhokobhoko abukeke enyuka ngamagiya aphezulu nangendlela ehlelekile neyakhayo efuna ukufinyelela eNdebeni yoMhlaba ka-2023.

Ngabe leli qembu elikhona manje lingawahlula ama-All Blacks? Impendulo ithi mhlawumbe cha. Iqiniso lisazobonakala ukuthi bangakwazi yini ukuhlula i-Australia. Abadlali ne-All Blacks noma i-Australia bazodlala ne-Wales futhi leli qembu liqokwe njengeqembu okufanele lishaye i-Wales.

Uma leli qembu lamaBhokobhoko liyiqembu ‘B’ kusho ukuthi kuyithuba elihle ukuthi i-Wales idlale nabo futhi lokho kungafakazela okuthile uma bengawina kanti kungaveza olunye uhlangothi futhi uma bengakwazi ukuhlula amaBhokobhoko!

Mnu uSir Gareth uma ulindele ukuthi iqembu lase-Wales liphathwe njengama-All Blacks kufanele lidlale njengama-All Blacks. Awukaze uqokwe ukuba ngumdlali ovelele. Kumele bazibonakalise enkundleni yebhola lombhoxo ngokudlalela i-Wales imidlalo engu-53 ilandelana futhi ishaye ama-try angu-20 laphoke bazoba abadlali abahamba phambili.

Uxolo Mnu Sir Gareth. Inhlonipho ayifunwa uyayisebenzela.

Umthombo wesithombe: @TheIndependent

Izihloko zakamuva