Ama-Tuk-tuks aletha impilo engcono emphakathini

Karabo Rammutla

Ekuqaleni abantu bendawo babecabanga ukuthi ama-tuk-tuk emalokishini angaba umqondo omuhle.

Le moto enamasondo amathathu efana netekisi  idume ngokuthutha abantu emazweni omhlaba.

Sekuphele iminyaka eminingi, abahlali base-Eersterust empumalanga yePitoli bezabalaza ukuthola izinto zokuhamba ukuya ezigodini eziseduzane. Ngesikhathi kufika ama-tuk-tuk, abahlali bebechichima injabulo ngokuthi ekugcineni kuzoba nezithuthi ezizokwenza kube lula ukuhamba nokungena kuleli lokishi.

Kodwa injabulo yabo ayizange ihlale isikhathi eside.

Abahlali basola abashayeli ngokushayela ngesivinini esiphezulu nokushayela bephuze amanzi amponjwana. Cishe mihla namalanga abahlali bayakhala ezinkundleni zokuxhumana ngokugijima ngesivinini esiphezulu nokungahlonishwa kwemithetho yomgwaqo ngabashayeli.

Abanye abahlali bathi balahlekelwe yizimpahla ngaphansi kwezimo ezisolisayo, ngesikhathi behamba ngama-tuk-tuks.

NgeSonto owesifazane nomshayeli kudingeke ukuthi baphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuthi i-tuk-tuk ebihamba ngesivinini esiphezulu igingqike futhi iphahlazeke.

Le ngozi ishiye abahlali bebambe ongezansi kwasabalala namavidiyo nezithombe zengozi enyantisayo.

Umhlali uMarcia Louw uthe imuphazamisile le ngozi.

“I-tuk-tuk ibizama ukudlula imoto ngesikhathi siyibona indiza emoyeni umgibeli waphonseka eceleni komgwaqo. Bekuthusa  ukubukela. Ngendlela ebigijima ngayo bekungeke kugwemeke ukuthi iginqike,” usho kanje.

ULouw uthe unethemba lokuthi le ngozi izoholela ekutheni abashayeli be-tuk-tuk baqikelele kakhulu emgwaqeni, ngaphambi kokuthi bona noma omunye umuntu shone.

“Ngiyethemba ukuthi le ngozi izoba yisifundo kubashayeli be-tuk-tuk ukuthi bayeke ukugijima ngesivinini esiphezulu balandele imithetho yomgwaqo futhi nathi njengabagibeli sikhulume mayelana nokushayela budedengu.

Uthe uye wakhululeka ngesikhathi ethola ukuthi umgibeli usindile kule ngozi.

UReese Solomon we-Tuk Tuk Association of Eersterust uthe bahlezi bekhuthaza abagibeli ukuthi babike umshayeli oshayela budedengu.

“Asikubekezeleli nhlobo ukuziphatha nokushayela budedengu kodwa asikwazi ukuba yonke indawo. Siyaqinisekisa ukuthi abashayeli ababudedengu bayamiswa emsebenzini futhi sizoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi abashayeli bayayilandela imithetho yomgwaqo. Silindele ukuthi abagibeli babe ngamehlo nezindlebe zethu,” kusho uSolomon.

Ikhansela uBenjamin Lawrence uthe ukhululekile ngokuthi akekho oshonile kule ngozi.

“AmaTuk-tuks awusizo olukhulu emphakathini wethu futhi kumele sisebenzisane nawo ukwenza isiqiniseko sokuthi aphatha abagibeli ngenhlonipho futhi alandela nemithetho yomgwaqo,” usho kanje. 

Izihloko zakamuva